KUSOLWA isikhwele kowesilisa okuthiwa uzingqongqise ngomlilo nentombi yakhe endlini yabo eZamani, KwaDukuza izolo.
UMnuz Thulani Makhathini (42) ushe wafa nentombi yakhe uNksz Thobeka Ntshangase (25). Bese behlale cishe iminyaka emithathu ndawonye.
Umsolwa kuthiwa ulinde kwahamba izingane zabo ezintathu zaya esikoleni. Ukhiphe izinto zikagesi okubalwa ithelevishini, isipikha se-radio nokunye wakuyisa kubo.
Kuthiwa usebenzise isigubhu sikaphethroli ukuqala umlilo.
Kuthiwa ngo-7 ekuseni omakhelwane babone kusha indlu enamakamelo amane, kukhiyiwe izicabha.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbhele uthe kuvulwe icala lokubulala nedokodo ngokushona komuntu.
“Amaphoyisa abizwe ngo-7 ekuseni afica izidumbu ezimbili, owesilisa ona-42 nowesifazane athandana naye ona-25. Bekunesigubhu sika-phethroli ngaphakathi endlini. Amacala avulwe KwaDukuza, kuyaphenywa,” kusho uCol. Mbhele.
Umthombo ongathandanga ukudalulwa uthi umsolwa ubenesikhwele ngobuhle bentombi yakhe. Kuthiwa ubethi ubuhle bentombi buyibizela izesheli.
Kuthiwa usanda kusola intombi ngokunika abesilisa inombolo yocingo lwayo bese beyishayela.
Izinsolo zokuthi babange iselula ziqiniswe wukutholakala kweselula yentombi eceleni kwendlu ngasewindini. Kusolwa ukuthi bebeyibanga nomsolwa, intombi yayilahla ngewindi.
“Ubenesikhwele ngobuhle bentombi yakhe, siyasola ukuthi siholele ekutheni enze le nto,” kusho umthombo.
Isolezwe liye emzini kaMakhathini izolo. Lifice kukhala ibhungezi kusabonakala ukuthi kusashunqa. Omakhelwane abebezihlalele emizini yabo bathe nabo babone sekusha.
Kuthintwa umfowabo kamufi ngocingo, uMnuz Sandile Nsele uthe nabo basadidekile ngokwenzekile.
“Besingekho ngesikhathi kusha umlilo njengoba umfowethu ehlala nezingane zabo ezintathu nentombi yakhe. Sibiziwe, safika kusha. Sizamile ukucima kodwa kwangasiza. Sizolinda uphenyo lwamaphoyisa ukuthola okwenzekile,” kusho uNsele.
Ebuzwa ngezinsolo zokuthi ngumfowabo oqale umlilo ngenxa yesikhwele uthe ngeke aphendule ngalokho ngoba bebehlezi bobabili nentombi akekho obonile ukuthi kwenzekeni.
Izingane zalaba kuthiwa zineminyaka ephakathi kwengu-9 no-7.
UNsele uthe ushayele esikoleni ukuqinisekisa ukuthi bezingekho endlini ngesikhathi kusha. Izingane ezimbili ezikaMakhathini eyodwa yafika noNksz Ntshangase.
Isolezwe lithole ukuthi kwenzeka lokhu nje eminyakeni edlule umsolwa wahlengwa esezilengisile kuyo le ndlu kulandela ukuxabana nenye intombi ayethandana nayo.
UMakhathini kuthiwa uyena obesebenza, ondla umndeni wakhe.
Kwenzeka lesi sigameko nje ngeSonto loSuku loMama ujele uMnuz Sipho Dlamini wadubula inkosikazi yakhe uNkk Ntombizodwa Dlamini phambi kwabazali bakhe. UDlamini naye wazidubula. Kuthiwa laba baba nengxabano.
Ngaphambi kwalokhu bekubulewe uNksz Zolile Khumalo, obeyisitshudeni saseMangosuthu University of Technology (MUT), okusolwa owayeyisoka lakhe. Lisahamba icala isoka. Ngaphambi kwalapho iphoyisa laseGingindlovu lashiswa nguyise wezingane ngemoto yalo, lisahamba icala. Muva nje KwaKhangela KwaNongoma kusathungwathwa umsolwa, owadlokodla unina wezingane ezintathu, wagcina ngokumbunyela ngophethroli wambulala. Akakaboshwa umsolwa ngecala.
Kusuka uqalile lo nyaka ziyanda izibalo zabesifazane ababulawa amasoka namadoda abashade nawo.