UMsakazi woKhozi uZimiphi 'Zimdollar' Biyela. Isithombe: FACEBOOK/UKHOZI
KULELI sonto Isolezwe libike ngomsakazi woKhozi FM uZimiphi 'Zimdollar' Biyela ophuthunyiswe esibhedlela isimo sakhe sisibi ngemuva kokuquleka ngoMsombuluko. 

Lo msakazi  utholwe ithimba lasekuseni labezindaba ebelizongena ewile kade esakaza  uhlelo oluthi “Lwasa Olungaliyo” olungena ngo-2 luphele ngo-4 ekuseni.

Sekuqala ukuba yinjwayelo nokho ukugula kwabasakazi estudiyo soKhozi FM. 

UMandla Ngcobo owadlula emhlabeni wakhala ngekhanda esakaza nokwagcina ngokuthi angeniswe esibhedlela wagcina ngokushona.

UNkosinathi Mshengu naye ngonyaka odlule washaywa yisifo sohlangothi waze watshekelwa wumlomo esakaza.

Kwesinye isiwombe uNonhlanhla Buthelezi odume ngelikaMroza naye wake wakhala ngekhanda esemsakazweni.

UMdonso washelwa yizwi kuqhubeka uhlelo alushayela naye uZimdollar.