SEKUVELE okusha mayelana nokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa, njengoba kuthiwa “wadubuleka ngephutha.”
Kusolwa ukuthi oyedwa wabayisikhombisa ababesendlini, nguyena owadubula uMeyiwa kwase kuqanjwa amanga kwathiwa bekubanjwa inkunzi.
Yize kwabikwa ukuthi uMeyiwa wadutshulwa yizigebengu ezazihlomile kodwa kuthiwa wadutshulwa emuva kokungenela elamulela udadewabo kaKelly Khumalo, uZandi kowayeyisoka lakhe, uLongwe Twala.
Lesi sigameko senzeka ngo-2014 emzini kanina kaKelly, eVosloorus.
Imithombo ethembekile iveze ukuthi unina kaKelly Khumalo, uNtombi Gladness Khumalo, wanika omunye womakhelwane iselula kaMeyiwa emuva kwesigameko, ngenhloso yokuyifihla.
Obengumphenyi waleli cala, uColonel Bongani Gininda, usolwa ngokufihla isitatimende esibalulekile asithola ngo-2017 sokuthi ngubani owabulala uMeyiwa futhi wayembulalelani.
Wavulelwa icala lokuphazamisa ukusebenza komthetho ngoMeyi walo nyaka kodwa wagcina ngokuyiswa KwaZulu-Natal ngendlela engaqondakali ngaphambi kokuthi aboshwe noma aphenywe.
Imithombo yamaphoyisa iveza ukuthi akekho kwiNPA ofuna ukusayina incwadi egunyaza ukuboshwa kukaGininda.
U-Advocate Andrew Chauke, oyisikhulu sezokuShushisa eGauteng uthe kunomhlangano okumele ube khona ukuze kuhlahlwe indlela yokuqokwa kabusha kozohola uphenyo.
“Umphenyi ozoqokwa kumele aphenye kabusha bonke laba ababesendlini, ikakhulukazi laba ababili baKwaZulu-Natal njengoba kubukeka sengathi uSenzo Meyiwa wadutshulwa ngephutha ngomunye owayesendlini. Ofakazi kabafuni ukuveza igama lalowo okunguyena okusolwa ukuthi wadubula,” kuchaza uChauke.
UMUZI kanina kaKelly Khumalo eVosloorus eGoli okwadutshulwa kuwo unozinti we-Orlando Pirates ngoNovemba ngo-2014. Isithombe: Dumisani Sibeko/ Independent Media
Ihhovisi likaKhomishana wamaPhoyisa kuleli, uGeneral Khehla Sitole, linqabile ukuphawula ngalezi zinsolo.
Kuvele ukuthi amaphoyisa asevulele uGininda namanye amaphoyisa icala lokubandakanyeka ecaleni lokubulala nokuphazamisa ukusebenza komthetho.
Kanjalo nofakazi ababekhona endlini ngesikhathi kubulawa uMeyiwa, kuthiwa bazobhekana namacala afanayo.
Kuphinde kwathathwa nolwazi lwamaselula abo bonke ababesendlini ukuze kucubungulwe ubufakazi.
UMeyiwa wadutshulwa ngo-26 Okthoba 2014 lapho okwakukhona uKelly, unina, udadewabo uZandi, uLongwe, abangani bakaMeyiwa baseKZN, uMthokozisi Thwala noTumelo Madlala nendodana kaKelly, uChristian.
Ngokwezinye izitatimende ezifungelwe ezisemaphoyiseni kodwa agodliwe amagama abanikazi bazo, ukuze kuvikelwe ukuphepha kwabo ziveza ukuthi:
* Kunomakhelwane owabona uMeyiwa “ehilizisana” nombulali wakhe ngaphambi kokuthi adutshulwe.
* Omakhelwane ababa ngabokuqala endaweni yesigameko bezobakhalisa, bathi unina kaKelly wabatshela ukuthi uMeyiwa ubulawe ngamadoda amathathu amnyama abefuna imali namaselula.
* Unina kaKelly wabuye wanika omunye umakhelwane iselula kaMeyiwa ukuthi ayigcine emuva kwemizuzwana edutshuliwe.
* Omunye umakhelwane wahlanza indawo yesigameko ngaphambi kokuthi kufike amaphoyisa.
* Umakhelwane wesithathu ohlala eduze nakwaKhumalo owaphuthuma uma ezwa ukuqhuma kwesibhamu uthi akabonanga muntu owaphuma endlini.
* Omakhelwane ababekhathazekile bagijinyiswa zonke izitaladi bebheka “izigebengu ezingekho”.
* UKelly waphuthumisa esibhedlela uMeyiwa owayopha, ngemoto yakhe uMeyiwa, iBMW X6, lapho afike washona ekhona.
* Kubo bonke ababesendlini akekho owashayela ucingo amaphoyisa ebika ngesigameko.
*Unina kaKelly wakhomba uZamokuhle Mbatha njengobulele uMeyiwa ngesikhathi kuwuhlelo lokukhomba abasolwa kodwa wahluleka ukuveza emaphoyiseni ukuthi uMbatha ungumakhelwane obejwayele ukuwashela uKelly noMeyiwa izimoto zabo. Kumanje uMbatha ubopha uhulumeni lapho efuna uR10 million ngokuboshwa ngokungemthetho.
FUNDA:
UColonel Gininda usolwa nangokugodla isitatimende asinikwa ngusibali kaSenzo Meyiwa, uMlungisi Hlophe oshade nodadewabo kaMeyiwa, uNokuthula.
Kuthiwa uHlophe watshela uGininda ukuthi uTumelo wamtshela ngobusuku besigameko ukuthi “uZandi wayelwa nesoka lakhe, uSenzo ezama ukubalamula”.
UHlophe ukhala nangokuthi usenike amaphoyisa isitatimende esifanayo izikhawu ezinhlanu eminyakeni emihlanu.
Ezitatimendeni ezifungelwe, omakhelwane namanye amaphoyisa bakhala ngokunengeka ngendlela osekunesandla sesithathu nokufihlwa kweqiniso okwenziwa ngabakwaKhumalo nezikhulu ezithile zamaphoyisa.
UColonel Busisiwe Joyce Buthelezi noWarrant Officer Meshack Makhubo, abaze baya eThekwini njengengxenye yophenyo lwabo nabo bakhala ngokunyathelwa kwezitatimende ezibalulekile ophenyweni.
UMZALA kaSenzo Meyiwa, uMnuz Sfiso Meyiwa nesikhulu esiphezulu se-AfriForum uMnuz Kallie Kriel esithangamini nabezindaba ngeledlule lapho bememezele khona ukuthi icala selizophenywa abaphenyi abazimele. Isithombe: Thobile Mathonsi African News Agency (ANA)
Okhulumela umndeni wakwaMeyiwa, uSiyabonga Miya, uthe okubuhlungu yilezi zitatimende ezingelona iqiniso ezenziwa ngababekhona endlini ekubeni sekuyavela ukuthi umuntu owadubula uSenzo wayesendlini nabo.
UGerrie Nel we-AfriForum, osekuyiyona esisingethe lolu phenyo, uthe bazoluphatha kuze kube semaphethelweni.
Lokhu akwehli kahle kuNgqongqoshe wezamaPhoyisa, uBheki Cele njengoba omkhulumelayo uLirhandzu Themba ngoLwesihlanu ethe: “Ihhovisi likangqongqoshe liyaluhlonipha uphenyo olukhona ngokufa kukaSenzo Meyiwa futhi alizimisele ukukhuluma ngokwenzeka kuleli cala kumbe lenze okuthize okungaphazamisa uphenyo. UNgqongqoshe Bheki Cele uhlaba ikhwelo kuwo wonke umuntu kuhlanganisa nezintatheli ukuthi kuhlonishwe konke okumayelana naleli cala. Kodwa ufisa ukunezezela ngokuthi usazisiwe ngebanga eselihanjwe amaphoyisa ngophenyo futhi ugculisekile.”