SIYAKHULA isibalo sabashone emva kwezibhelu zokutatshwa kokudla nokucekelwa phansi kwempahla obekwenzeka KwaZulu-Natal naseGauteng, njengoba sebengu-91 esifundazweni asebeshonile, babe ngu-26 eGauteng.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe obambile ehhovisi likaMengameli uNksz Khumbudzo Ntshavheni, othe izibalo zabashonile selokhu kuqale lezi zibhelu ngu-117.
Uthe sekuqalwe uphenyo emva kokutholakala kwezidumbu eziyisithupha ophahleni lwenxanxathela yezitolo eTembisa South, wathi lezi zidumbu azihlangene nabebetapa impahla.
“Isimo sisashubile KwaZulu-Natal, amaphoyisa nombutho wezokuvikela basiqaphile isimo. Azikho izehlakalo ezibikiwe eGauteng namhlanje (izolo) zokutatshwa kwempahla.”
Uthe kuboshwe ubhongoza oyedwa kwabangu-12, abasolwa ngokuphehla lolu dweshu lokuvekelwa phansi kwempahla, ukushiswa kwezitolo kanjalo nenye ingqalasizinda.
Bangaphezu kuka-1 478 abantu asebeboshiwe eKZN mayelana nokutatshwa kwempahla kuthi eGauteng bangu-725 kanti sebebonke bangu-2203.
“Okwamanje angikwazi ukuphawula kabanzi ukuthi ubani oboshiwe ngoba kuzophazamisa uphenyo. Uphenyo lusaqhubeka, amaphoyisa asezithendeni zalaba abanye abangu-11.”
Uthe basezinhlelweni zokuthi kuvulwe imizila emikhulu uN2 noN3 ukuze kuhambeke kufike ukudla nezinye izidingo ezidingekayo ezweni.
Uqinise umphakathi idolo ukuthi ukudla ngeke kushode kuleli.
“Sithole isiqinisekiso ukuthi ukudla ngeke kushode size sivule le mizila emikhulu phakathi kweGauteng neKZN, kanjalo no-N2 obheke eRichards Bay. Abantu abangatatazeli baye ezitolo bayothenga ngoba ukudla ngeke kushode.”
Uthe kunezingxoxo eziqhubekayo ngokuthi kube nesikhwama sokwakha kabusha izwe emva kwalezi zibhelu.
“Yinto okwamanje esaxoxwa ngongqongqoshe ababhekele umnotho kuleli. Ngeke uhulumeni abe yedwa ezintweni ezifuze lezi kuyodingeka amabhizinisi abe yingxenye yokuthi kuvuselelwe izwe nomnotho emva kwalezi zibhelu ezweni.”
Uthe isimo sesiqala ukubuyela kwesejayelekile eGauteng, wathi amasosha azolokhu esiqaphe njalo isimo.