Izindaba

Sekusemome ukuqulwa kwelephoyisa elabulawa nabangani

Zimbili Vilakazi|Published

Sekusemome ukuqulwa elokubulawa kwephoyisa

Image: UNSPLASH FREE DOWNLOADS

KUZOHLALUKA ngoJuni 12 kulo nyaka, ukuthi liyaya yini ukuyoqulelwa eNkantolo eNkulu yaseThekwini, icala lokubulawa kwephoyisa likaMasipala weTheku kanye nabangani balo ababili. 

Lukhu kuvele izolo eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngesikhathi kuvela abasolwa abathathu ngaleli cala.

Isigameko, senzeka eshisanyama yaseLamontville ngoMashi 3 ngonyaka odlule.

Abasolwa badubula babulala uSiyathokoza Mthethwa (40) owayesebenza ophikweni lweVIP Protection kulo masipala, abangani bakhe ababili, oMnuz Merik Thringe (40) noMnuz Nkanyiso Makhanya (34).

Kwaboshwa ngokwahlukahlukana abasolwa abathathu ngoSepthemba ngonyaka odlule.

Umsolwa wokuqala kwakuwuMnuz Thandolwenkosi Nzimande (21) owaboshwa ngoSepthemba 4. Owesibili, uMnuz Nandos Ngcobo (23), owaboshwa ngoSepthemba 8. Owesithathu uMnuz Samkelo Mkhize (23) yena waboshwa ngoSepthemba 19. 

Ngosuku lwesigameko kuthiwa abasolwa batheleka eshisanyama, bayokhuluma nabafi.

Kuthiwa kwabe sekusuka ingxabano, abasolwa badubula abafi bephindelela maqede bashaya bachitha, beshiya abafi sebethule endaweni yesigameko. 

Owayeyingoduso kamufi uMakhanya, uNksz Lihle Dumakude utshele Isolezwe izolo ukuthi wakhetha ukuyeka ukulandela icala njengoba wayenomuzwa wokuthi liyamhlukumeza emoyeni.

“Angisayi enkantolo uma liqulwa, angisalilandeli ngoba belingihlukumeza kakhulu,” kusho uNksz Dumakude.

Uqhube wathi kwabuye kwamphula umoya ukuxolisa komunye wabasolwa, owavele waphenduka wabheka ngakubona emabhentshini, wathi uyaxolisa ngokubulala.

“Leso senzo sangiphatha kabi. Angazi ukuxolisa kwakhe kwakusazosiza ngani emonakalweni ayesewenzile. Uma wayazi ukuthi akwenza kwakungalungile, okusho ukuthi kwakungamele akwenze kwasekuqaleni,” kusho uNksz Dumakude.

Uthe usesizwa wukuxoxelwa yizihlobo zabafi ezisalihambela  icala ngokwenzekayo enkantolo uma  kuvele abasolwa.