Sabelo Nsele
UZOPHOTHULWA ngesonto elizayo umbiko wophenyo mayelana nezigidi zamaRandi ezasetshenziswa wuMasipala weTheku ukulwa nobhubhane iCorona.
Imenenja kamasipala, uMnuz Sipho Nzuza, itshele umhlangano wesigungu esiphezulu emkhandlwini ngoLwesibili ukuthi umbiko uzobe usukulungele ukwethulwa emhlanganweni waleli komiti olandelayo.
Lo masipala wasebenzisa imali engaphezu kukaR450 million ukuthenga izinsiza zokuvikela ukusabalala kwegciwane nokuhlinzekwa ngokudla nendawo yokuhlala kulabo abangenamakhaya.
Abaningi bashaya amakhala ngesikhathi kuvela ukuthi lo masipala usebenzise uR67 million ukunakekela labo abangenamakhaya okubalwa nabahlala emgwaqweni ngesikhathi sikathaqa.
Lo masipala wabe usujuba uphenyo lwangaphakathi ukuze kubhekwe ukuthi abubanga khona yini ubudedengu ekusetshenzisweni kwalezi zigidi zamaRandi.
Lo masipala iwona wodwa kulesi sifundazwe osebenzise imali engaphezu kukaR100 million ukulwa neCorona.
Isikhulu esiphezulu ophikweni lwangaphakathi olucwaninga amabhuku kulo masipala, uNksz Phumi Madlala, sithe kukhona ubuthaka asebebutholile ophenyweni lwabo yize lungakaphothulwa.
“Kukhona lapho esesibone khona ukuthi umthetho awuzange ulandelwe, yizikhulu eziphezulu nezisinikile izizathu ezenza ukuthi kungalandelwa imigomo ebekiwe.
“Osekusele ukuthi izikhulu eziphezulu zibhunge ngalokhu okutholwe umbiko, bese siyawuphothula.”