INATIONAL Consumer Commission (NCC), okuyinhlangano elwela amalungelo abathengi kuleli, ithi isiqale uphenyo ngenkampani ebitshalisa abantu imali ezingulubeni ezinkundleni zokuxhumana, iPiggy Farm Trading.
Uphenyo luza emuva kokuthi iNCC ithole izikhalo kubantu abangasayitholi imali ababethenjiswe yona yiPiggy Farm Trading.
Le nkampani ibiheha abantu ezinkundleni zokuxhumama ithi inepulazi okufuywe kulo izingulube. Abantu bebethenga ingulube eyodwa ngoR2 750 bese bethenjiswa ukuthi bazokhokhelwa uR500 njalo ngenyanga kuze kuphele unyaka. Lokhu kusho ukuthi umuntu ubezoba no-R6 000 uma sekuphela unyaka.
Ingulube ubengeke ayithole ngoba ibihlala epulazini, iPiggy Farm, njengoba bekuthiwa yibona abayiphakelayo, bayigome bayenze konke okuhlangene nezolimo.
INCC ithe iPiggy Farm iyibhanoyi njengoba isebenza ngendlela efanayo namanye amabhanoyi, athembisa abantu inzalo engaphezulu ngo-20% kwimali mboleko.
“Sicela abantu bazi ukuthi ukutshala imali ebhanoyini kuyicala, akufanele futhi bakhuthaze nabanye ukuthi bangene kulo. Ucwaningo lwethu luveza ukuthi ayanda amabhanoyi asebenzisa ezolimo ukuheha abantu. Uma umuntu ethenga imfuyo kufanele ayibone, hhayi ukuthi athenge imfuyo engabonakali,” kusho iNCC esitatimendeni.
Ithe abasungula amabhanoyi bazenza sengathi baphila kahle ngoba befuna ukuheha abantu abayisebenzele kanzima imali yabo.
NgoLwesithathu uphiko lwezokushushisa lumemezele ukuthi lunegunya lokuvala i-akhawunti yePiggy Farm Trading enoR4.3 million njengoba luphenya okwenzeka kule nkampani.
Elinye iphephandaba elibhala online libike ukuthi iNedbank ivale i-akhawunti yePiggy Farm Trading ebinoR16 million.
Esitatimendeni ebesikhishiwe yiPiggy Farm Trading, ithe iyakuqonda ukukhathazeka kwabantu futhi iyazisukumela izikhalo zabo.
Isolezwe lizamile ukushayela abePiggy Farm Trading ucingo enombolweni yabo ethi 031 006 5204 kodwa belungangeni njengoba bekunomsindo ozwakala sengathi bakolunye ucingo.