UQALE izolo umshikashika wokumakwa kwamaphepha abafundi bakwa-matric KwaZulu-Natal njengoba abafundi bephothule ukubhala ngeledlule.
Isitatimende sikaNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mshengu, sithe kuqale ngegiya eliphezulu ukumakela abakwa-matric.
“Isifundazwe siqashe abamaki abangu-8 342, Ama-senior makers angu-1 334, angu-74 ama-chief markers, namaphini abo angu-1 334. Bangu-1 194 abangama-moderators,” kusho uMshengu.
Kuqashwe nabasiza abamakayo abangu-184.
Zingu-27 izikhungo zokumakela ezikhona esifundazweni kanti ukumakwa kwamaphepha kuzophothulwa ngoDisemba14, 2019.
Ukufakwa kwamamaki kuzoqalwa kusasa kuze kuphele ngoDisemba 29, 2019. “Abamakayo bakhethwe ngenxa yolwazi nesipiliyoni kuleso naleso sifundo umuntu azobe esimaka. Siyathemba ukuthi lo msebenzi obalulekile bazowenza ngokucophelela,” kusho uMshengu.