KUNGAPHOLISWA maseko kusakhalwa ngokudlula kwensika yomculo weJazz, uHugh Masekela, sekudlule enye inkakha endimeni yobuciko umlingisi uSandy Mokwena.
Lo mlingisi odume ngelika 'Bra Eddie' kumdlalo wethelevishini alingisa kuwo ku e.tv, i Scandal! kubikwa ukuthi udlule emhlabeni ngoLwesithathu ebusuku.
"Abaqophi beScanda! nabalingisi baphatheke kabi kakhulu ngoba usebe kulo mdlalo kusukela kwisiqephu sokuqala, emnyakeni engu-13 edlule. Uyena mlingisi obesehlale isikhathi eside kulo mdlalo," kusho abe- Scandal!
Okhulumela i-e.tv uMichael Pocock uthe lo mlingisi ubegula kodwa bebengazitsheli ukuthi usesimweni esibucayi.
Uthe iminingwane ngokushona kwakhe abakayitholi yonke njengamanje njengoba umndeni usadlula esikhathini esinzima.
Le nkakha yomlingisi isike yabonakala emdlalweni okubalwa kuyo iGenerations, Yizo Yizo, Zero Tolerance neminye.
Imiyalezo yenduduzo ingene ilakanyana ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuzwakala kwezindaba zokushona kwalo mlingisi ngoLwesine ekuseni.
Umlingisi ophinde abe uphrojusa we Scandal! uMmabatho Montsho ube ngomunye wabazwakalisa ukudumala ngokudlula kukaMokwena.
Bra Sandy held my hand when I started directing at @etvScandal. He'd call me over to his table during breakfast and say "keep your head up, you're doing good." Eish... RIP #SandyMokwena💔
— Mmabatho Montsho (@MmabathoMontsho) January 25, 2018
Yet another sad day in South Africa, Actor #SandyMokwena has passed on. He was known for his role as Bra Eddie Khumalo in the soapie 'Scandal' #sabcnews pic.twitter.com/nPcC0FEoIC
— Mweli Masilela (@mwelimasilela) January 25, 2018
We extend our deepest sympathies to the family, friends & colleagues of veteran actor Sandy Mokwena who has sadly passed on. As early as 1972 he embarked on a world tour with the cast of the musical "Ipi Tombi". He later played roles in Scandal, Generations, Soul City & Yizo Yizo pic.twitter.com/xWkadZ9pUr
— Min. Nathi Mthethwa (@NathiMthethwaSA) January 25, 2018