UKHATHAZEKILE umndeni womfundi okuvela ukuthi waqamba amanga, wathi uyobhala izivivinyo ngasekupheleni konyaka odlule, osekuphele izinyanga ezimbili engabuyi ekhaya.
UFezekile Mvelase (18) obefunda uGrade10 eSahlumbe High, eWeneen, kuthiwa wahamba ngoNovemba 14 nyakenye ethi uyobhala kanti uhubhuza amanga ngoba abafundi ababefunda leli banga sebeqedile ukubhala.
Uyise, uMnuz Mgqashule Mvelase, uthe indodakazi yakhe yahamba ekhaya igqoke umfaniswano wesikole, yathi iyobhala izivivinyo zayo, yangabuya ekhaya. Waqale wazitshela ukuthi isezihlotsheni zakhe.
Ngemuva kwesonto ingabuyi, waya emaphoyiseni eyobika ngokulahleka kwayo. Amaphoyisa aya esikole afike, atshelwa ukuthi uGrade10 wase uqedile ukubhala izivivinyo zawo ngosuku umfundi athi uyobhala ngalo.
“Izihlobo ake avakashele kuzo zamlandula, ngase ngishiya umyalezo wokuthi uma efika zimtshele abuyele ekhaya.
Ngokuhamba kwesikhathi ngabikelwa ukuthi ufike kwamamkhulu wakhe. Benza njengoba ngangishilo ukuthi bathi akabuyele ekhaya. Abazala bakhe bathi bamgibelisa etekisini eza lapha ekhaya. Kodwa akazange afike lapha ekhaya, nakhona akabange esabuyela khona. Bengizitshela ukuthi uma enza imikhuba emibi eyenziwa ngezinye izingane uzobuya uma sekuvulwa izikole kodwa lutho. Angazi lapho ekhona noma uhleli ngokuthanda kwakhe noma uphoqiwe, uma esaphila. La ekhaya akazange axabane namuntu,” kusho uyise.
UMvelase uthe ukhathazekile ngendodakazi yakhe ngoba akazi noma isaphila yini.
UCol Thembeka Mbele, okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe kuvulwe idokodo ngokulahleka komuntu.
Okungenzeka babe nolwazi ngoFezekile kucelwa ukuthi bashayele amaphoyisa aseWeneen ku-036 354 1611.