UKHUNGATHEKILE umndeni wowesilisa waseCongo, eNanda, osekuphele isonto enyamalele. Umndeni kaMnuz Thembinkosi Knowledge Ngwanya (33), odume ngelikaKoko, usuqala nokumfuna emakhazeni. Kuthiwa wanyamalala, ngoFebhuwari 15.
Umamkhulu wakhe, uNkk Vesta Lepheana, uthe akusalaleki ngenxa yemicabango eminingi esekhanda ngokunyamalala kwendodana yabo. Uthe okwenza bathuke wukuthi ayikaze ihambe ekhaya isikhathi eside kangaka ingashongo.
“Abafowabo bathi wahamba wayobuka ibhola kunina omncane wabo ngawo uMgqibelo. Kwasuke kwahamba ugesi ngezithuba zabo 8 ebusuku, yena wahamba kwamamncane. Umfowabo uthi akazi ukuthi washonaphi kusukela lapho ngoba naye wayeseyolala,” uNkk Lepheana.
Uthe kusukela elahlekile ucingo belukhala lungabanjwa, lugcine lungasangeni nhlobo. Umndeni usumbheke kubo bonke abangani bakhe nabo bayalandula. Kuthiwa nentombi yakhe ibuziwe kodwa nayo ithukile njengoba ibilokhu imzama ocingweni ingamtholi. Ngesonto eledlule umndeni kaNgwanya uqale ukumfuna ezibhedlela nasemakhazeni kahulumeni ePhoenix.
UNkk Lepheana uthe bashayelwa ucingo wumseshi ngoLwesihlanu bamtshela ukuthi bebefuna nokuyobheka emakhazeni kahulumeni kuGale Street. Uthe umseshi uthe uzohlela bese eyabahambisa. Kushaye isikhathi sokuloba izolo bengakayi emakhazeni kahululeni.
“Sesithuka ubala ngoba ngeke sazi ukuthi kwenzekeni kuyena. Sesilindele noma yini, yingakho sibheka kuzo zonke izindawo,” kusho yena.
UNgwanya kuthiwa wagcina ukubonakala egqoke ijini, isikibha esimpunga namateki abubende.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuthi kuvulwe icala lokunyamalala komuntu, eliphenywa esiteshini eMtshebheni. Uthe namanje akukho mkhondo ngokunyamalala kwakhe.