NONTUTHUKO NGUBANE
IHHOVISI likaMengameli wezwe, uCyril Ramaphosa, eliholwa uNgqongqoshe obambile, uNksz Khumbudzo Ntshavheni, lithe liqalile ukulethela abantu ukudla ukubalekelela njengoba bekhahlamezwe yimibhikisho yakamuva.
Ungqongqoshe ukusho lokhu esithangamini sabezindaba izolo, lapho ebethula umbiko wakamuva ngemibhikisho ebihlasele kuleli. Uthe isimo sesibuyele kwesijwayelekile kuleli.
“Ngokodaba lokuphela kokudla eKZN, singakuqinisekisa ukuthi ukudla kukhona. Kulethiwe kusuka eGauteng nasemachwebeni, ngaphandle kwezindawo lapho kulinyazwe khona izitolo namabhizinisi. Lapho kumele baye kwamanye amadolobha ukuthola ukudla. Eminye imizamo ukuhlangabezana nesimo sokuphela kokudla, sinikeza abantu ukudla, labo abangakwazi ukukuthola. Sisebenzana noMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi (abakwaSassa). Namhlanje kuqaliwe ukuba kunikezwe abantu ukudla kanjalo namavawusha okuthola ukudla (izolo),” kusho uNksz Ntshavheni.
Uthe isimo eGauteng naKwaZulu-Natal sibuyele kwesijwayeleki, yize eKZN kushone abanye abantu abathathu ngenxa yemibhikisho.
“Sebebonke abashone ngenxa yemibhikisho bangu-250. Ababoshiwe ngokuphehla udweshu bayisithupha, abasolwa abathathu bavelile enkantolo bagcinwa ezitokisini. Omunye oboshiwe unikwe ibheyili. Sobuye sininike eminye imininingwane,” kusho uNksz Ntshavheni.
Odabeni lokuthathwa kwemithi nokuphazamiseka kwezempilo ngesikhathi kunemibhikisho, uthe bayalulungisa.
“E-KZN kunenkinga yemithi, ama-ARVs namaphilisi esifuba (TB). Leyo nkinga iyalungiswa ngoba ngeke sikwazi ukuba abantu bengatholi ama-ARVs nemithi yabo yezofuba ngesikhathi esifanele,” kusho uNksz Ntshavheni.
UNtshavheni uphinde wacacisa ukuthi ezokuphepha zisaqinisiwe, namaloli ahambisa impahla aphephile emgwaqweni.
“Imigwaqo u-N2 no-N3 isebenza ngokugcwele. Amaphoyisa okubalwa namasosha ayaqhubeka nokuqapha isimo emizileni ehamba amaloli. Esingakusho ukuthi selokhu eqale ukuhamba ngoLwesihlanu, akukho ukuphazamiseka. EThekwini naseRichards Bay, amachweba ayasebenza,” kusho uNksz Ntshavheni.
Uthe ngaphezu kwalokhu, baphezu kwezinhlelo zokulekelela amabhizinisi amancane.
“Amabhizinisi amancane azolekelelwa ukuba eqhubeke nokusebenza. Ongqongqoshe bale minyango sizoba nemihlangano ukusho ukuthi bazolekelwa kanjani ukubuyisela isimo kwesijwayelekile,” kusho uNksz Ntshavheni.
UMnyango uphinde wanxusa ukuba abantu bekugweme ukuthenga impahla eyebiwe. Ebuzwa ngokuthi yini edale le mibhikisho, uthe ngeke ande kakhulu kulolu daba ngoba kade kubikwa ngalo kodwa abakutholile wukuthi le mibhikisho ibihleliwe.
“Ngenxa yobucayi bamacala, sicela nisibekezelele, angeke sikwazi ukudalula amagama abo. Udaba lusenkantolo, sicela nibekezele. Kulabo bonke abacishe baguqisa izwe lethu ngamadolo, kumele bejeziswe ngendlela efanele,” kusho uNksz Ntshavheni.
Ebuzwa ngokulashwa kwePhini likaMengameli wezwe, uMnuz David Mabuza, uthe usalashwa eRussia, uzobuya maduze kuleli uma ithimba elimlaphayo selithi usengakwazi ukubuya asebenze.