ISEMATHENI indaba yokwebiwa kwezinwele zokufakelwa ezibizwa ngama-weave. Ukwanda kwalo mkhuba sekwenza ukuthi abesifazane abafake lezi zinwele bahambe bejeqeza besaba ukuhlwithwa zona. Ukubiza kwalezi zinwele ezinye okuthiwa zitholakala emazweni aphesheya, yikho okwenza nezigebengu zicuthele odade abazifakile.
Kuvele nokuthi eminye imishwalense isinezinhlelo zokukhokhela abantshontshelwe izinwele. Ngokombiko wephephandaba elisesitebeleni esisodwa neSolezwe, iBusiness Report, kuvele ukuthi uhlelo lokukhokhela ukwebiwa kwezinwele lungaphansi kwebhizinisi lezobuhle kweminye imishwanelense.
UNksz Natasha Kawulesar oyinhloko yezabathengi kwa-Outsurance utshele iBusiness Report ukuthi bayawakhokhela amakhasimende abo ngokwebiwa kwezinwele.
Uthe babone kunesidingo sokuthi nezinwele zibe nomshwalense ngoba ziyabiza futhi ziyebiwa.
Sibe sematheni nesigameko sokwebiwa kwezinwele zikaSbahle Mpisane osanda kulimala engozini yemoto. Kuthiwa ngesikhathi ingozi isanda kwenziwa kukhona owangena emotweni wadonsa izinwele wabaleka nazo.
UNksz Thobile Ndlovu ongumnikazi we-Ethnic Hair eThekwini, uyavuma ukuthi ziyabiza izinwele. Uveze ukuthi ngenhlanhla ubengakavelelwa umshophi wokuntshontshelwa izinwele.
“Abantu bayazi ukuthi izinwele ziyabiza yingakho sezebiwa kangaka. Elinye ikhasimende lami lisanda kuhlwithwa izinwele ezibiza kakhulu. Beliphethe isikhwama kodwa abafana basiyeka bahlwitha izinwele kuphela.”
Phezu kwalokhu kwebiwa kwalezi zinwele, uNksz Ndlovu uthe abesifazane abapheli mandla. “Abesifazane abanqeni ukukhipha noma imalini ngezinwele. Ezibiza kancane kunazo zonke zinguR2 400 futhi zimfishane.”
Uthe okwenza abesifazane bathande lezi zinwele ukuthi kulula ukuzifaka futhi zihlala isikhathi eside.
Idumela lokudayiswa kwezinwele selibonakala nangokuthi babe baningi abazithungela emgwaqweni emadolobheni, bazidayisele abadlulayo.
UNkk Getrude Uche ongumcwali wezinwele uthe usedla kakhulu ngokuthunga izinwele ngoba amakhasimende amaningi asefuna zona. Akuqali ukuthi kube nomkhuba wokwebiwa kwezinwele kuleli. Ngesikhathi kusadume ukuluka ama-dreadlocks, izigebengu bezibagunda abanawo, ziwadayise.