I-ANC KwaZulu-Natal ithi inethemba lokuthi kuzophela ukubulawa kosopolitiki esifundazweni ngemuva kokuboshwa kwabasolwa abangu-28 mayelana
namacala okusocongwa kwabombusazwe.
Kulaba ababoshiwe kuthiwa kukhona nosolwa ngokubulala owayengunobhala jikelele we-ANC Youth League, uMnuz Sindiso Magaqa.
UNobhala we-ANC esifundazweni uMnuz Mdumiseni Ntuli unxuse amaphoyisa ukuthi angabaniki moya wokuphefumula ababulali ukuze kuphele isihlava sokubulawa kosopolitiki.
“Siyi-ANC sifisa ukuncoma ithimba lamaphoyisa eliphenya ngokubulawa kosopolitiki ngomsebenzi eliwenzile lokubopha abanye abasolwa abangu-28, abasolwa ngokubulala,” kusho uNtuli.
Esithangamini nabezindaba eThekwini izolo, uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, uxwayise izinkabi eziqotha osopolitiki wathi amahlathi aphelile.
“Labo abasacabanga ukubulala abantu abahambe KwaZulu-Natal ngoba sizobabamba, lokho bangayokwenza kwezinye izindawo,” kusho uCele.
Uthe basezithendeni zabanye abasolwa abathinteka emacaleni okubulala.
“Kunesisho sesiZulu esithi alikho izinyane lemvubu elingabulawa zingwenya kucwebe iziziba,” kusho uCele.
Uncome ithimba eliphenya ngokubulawa kosopolitiki wathi lenza umsebenzi omuhle.
“Ezinyangeni ezimbili sisungule leli thimba, selibophe abangu-28 futhi isibalo sabasolwa sizokhula ngoba bakhona abanye esizobabamba maduze,” kusho uCele.
Uthe bangu-22 abasolwa abasezitokisini mayelana namacala okubulala osopolitiki.
“Ababili bangaphandle ngebheyili, abathathu bagwetshiwe kuthi abane amacala abo ahoxisiwe.”
Uthe kukhona ababili abaphenywayo ngecala lokubulawa kwekhansela le-IFP elabulawa oLundi, uMnuz Sibuyiselo Dlamini.
“Ecaleni lokubulawa kukasihlalo we-ANC e-ward 12, uMnuz Thulani Nxumalo nakhona singase sibophe maduze,” kusho uCele.
Uthe enye yezinkinga ebezenza ukuthi ithimba laphambilini kubukeke sengathi alisebenzi kahle wukuthi ofakazi bebehoxa.
UCele uthe sebebophe oyedwa ngecala lokubulawa kukaMagaqa.
“Ukhona esesimbophile
ngecala likaMagaqa, usevele ngisho enkantolo, sibophe abasolwa abayisishiyagalombili ngecala lokubulawa kwesishoshovu se-ANC eMoses Mabhida, uMnuz Msawenkosi “Maqatha” Mchunu, nabo
labo sebevelile enkantolo,” kusho uCele.
UNgqongqoshe wezokuVikela, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, uthe ukuboshwa kwalaba basolwa abangu-28 kuwumphumela wokusebenzisana kwezinhlaka zezokuphepha ezweni.
UNkk Mapisa-Nqakula uphakamise ukuthi bonke abathinteka emacaleni okubulala kuthi uma sebegwetshiwe bagqunywe eMbongweni, eKokstad.
Ibamba likaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uthe ukusebenzisana kwezinhlaka akumele kube yinto yesikhashana kodwa kumele ihlale yenziwa.
Unxuse ukuthi abantu abathinteka emacaleni okubulawa kosopolitiki banganikwa ibheyili.
“Indaba yokunikwa ibheyili kwabasolwa kula macala,
kumele ifakelwe izibuko,” kusho uZikalala.
NoCele egcizelela indaba yebheyili, uthe umsolwa oboshelwe icala lokubulala ikhansela laKwaNongoma, othinteka amacaleni ayisithupha, elinye lamacala walenza engaphandle ngebheyili.