Izindaba

Sehlile isibalo sabafundi abenza iPure Maths

Boniswa Mohale|Published

Isithombe esigciniwe: Pexels Isithombe esigciniwe: Pexels

INHLANGANO ebhekelele izingabunjalo lemiphumela kamatric, Umalusi, iveze ukuthi sehlile isibalo sabafundi abakhetha ukwenza ipure maths kwanyuka esabenza imathematical literacy (maths lit).

Isolezwe lithinte oSolwazi abagxile ekufundiseni imaths yoqobo baveza ukuthi akusikhona ukuthi abafundi babalekela imaths kodwa abasitholi isisekelo esifanele.

USolwazi Kobus Maree oyisazi sezengqondo, ezemfundo nezibalo, ofundisa eNyuvesi yasePitoli uthe kumphatha kabi ukuthi azandanga izingane ezifunda ipure maths kodwa kukhule isibalo sabafunda imaths lit.

“Ngiphatheka kabi uma ngitshelwa ukuthi isibalo sezingane ezifunda imaths sehlile ngoba lokhu kusho ukuthi awukho umehluko osuwenzekile ezweni ngoba uma sekukhishwa izibalo uzobona ukuthi izingane eziningi ezenza imaths zifunda ezikoleni obekungezabamhlophe. Isikhathi esiningi uthola ukuthi nazo zimhlophe bese kuba yingcosana yezingane ezimnyama. Lokhu kwenziwa wukuthi ezikoleni okwakuthiwa ezabamhlophe bodwa izingane zifundiswa imaths ngabantu abayiqondayo futhi zinazo zonke izinsiza,” kusho uMaree.

Uthe ezikoleni zabamnyama uthola ukuthi othisha okuthiwa abafundise imaths abayiqondi kahle kwayibona, azikho izinsiza kufunda futhi awathuthukiswa namakhono abo.

Ukhale ngokuthi imaths yisifundo esisiza umuntu ukuthi akwazi ukwenza izinto ezehlukene empilweni nokungena kalula emikhakheni yesayensi lapho kushoda khona amakhono.

“Uma uhulumeni efuna ukuncintisana namanye amazwe kwezobuchwepheshe efuna nokuthuthukisa umnotho kufanele asukume. Izingane kufanele zifunde imaths zisaqala ukungena esikoleni. Akufanele kusukunywe uma sezifunda amabanga aphezulu ngoba uma zingazange zibambe kahle imaths emabangeni aphansi ngeke kwenzeke umlingo wokuthi zibambe uma sezisemabangeni aphezulu. Kufanele kubuyiswe othisha abazi izibalo baye ezikoleni zikahulumeni ukuze izingane zikwazi ukufunda imaths. Kufanele yenziwe yiwo wonke umuntu ukuze kukhule umnotho wezwe, kwande namakhono ashodayo,” kusho uMaree.

Kolunye uhlangothi uSolwazi Sarah Bansilal, oyisazi semaths esifundisa eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uthe akakholwa wukuthi abafundi babalekela imaths kodwa lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi abafundi bayakwazi ukuzikhethela.

Uthe asikho isidingo sokuthi amaphaphu abe phezulu ngoba akusibo bonke abafundi abafuna ukungena emkhakheni wesayensi wathi abanye bafuna ukuba abapheki, abacwali bezinwele nokwenza eminye imisebenzi engayidingi imaths.

Uveze ukuthi imaths iyajula uma umuntu edlulela emabangeni aphezulu ithinte ukufundwa kwama-map, izikali, ama-designs, kufundwe iTrigonometry, Euclidean Geometry nokunye okuningi.

Lokhu uthe kusho ukuthi umfundi kufanele ayibambe esasemabangeni aphansi.

Wenze isibonelo sokuthi uma umfundi ehlulwa wukuhlanganisa izinamba kusho ukuthi uzoba nenkinga uma sekuhlukaniswa, sekuncishiswa noma sekuphindwaphindwa, bese exakeka kakhulu uma sekufundwa ogeometry.

Uthe ngonyaka odlule bawu-294 204 abafundi ababhale imaths lit baba wu-233 858 ababhale imaths.

“Lokhu akusho ukuthi bancane kakhulu abafundi ababhala imaths kodwa into okufanele ilungiswe yizinga lokuphasa kwabo. Uthola ukuthi sinabafundi abenza imaths kodwa amamaki abo awekho sezingeni elizobafaka emkhakheni wesayensi. Kufanele size nezindlela zokuthuthukisa ukufundiswa kwemaths nokuphaswa kwayo,” kusho uSolwazi Bansilal.

Uphethe ngokuthi abafundi badinga isisekelo esihle ukuze bakwazi ukufunda imaths kusukela emazingeni aphansi baze bayofika emazingeni aphezulu ukuze kuthuthuke nezinga lokuphasa.