SEBEZOBOSHWA abantu abaqhubeka nokumba amatshe, i-quartz crystals, abayibiza ngedayimane KwaHlathi, eMnambithi Isithombe:Bongani Mbatha /African News Agency (ANA)
BANIKWE umnqamulajuqu obungoLwesine wuhulumeni wesifundazwe abantu ukuba bayekele phansi ukumba amatshe, i-quartz crystals, KwaHlathi, eMnambithi, kungenjalo bazoboshwa.
Lesi sinqumo sithathwe emhlanganweni wesigungu esihola isifundazwe obungoLwesithathu. Isigungu sinqumele ugwayi katiki abavukuza ngokungemthetho ukuthi baphume baphele KwaHlathi.
Sithe abaqhubeka nokumba kule ndawo bazobhekana nengalo yomthetho ngoba uma beficwa ngamaphoyisa bemba bazoboshwa.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, ubuholi besifundazwe buthe emasontweni amabili ezayo uhulumeni uhlele ukuya KwaHlathi ngenhloso yokubhekana nezinselelo zentuthuko abantu abakhala ngazo.
Kuzosetshenziswa leli thuba ukuze kuqhutshekwe nophenyo ngezinhlelo zezomnotho ezingenziwa ukuthuthukisa le ndawo.
“Indawo obekumbiwa kuyo izobiyelwa ukuze amalungu omphakathi angakwazi ukungena kuyo. Kuzongena kuphela onemvume,” kusho isitatimende.
Abantu bakule ndawo bakhala ngokuntula amanzi, imigwaqo nezinye izinto ezithinta intuthuko.
Kucelwe abantu ukuthi basuke lapho kumbiwa khona ngenxa yokuthi abakwenzayo kuyephula yonke imithetho yezokuvukuza futhi baphula nemigomo yomvalelandlini elwa nokusabalala kwegciwane leCovid-19.
Ubuholi bukhathazekile ngokukhula kwesibalo sabasuleleka ngeCovid-19 esifundeni uThukela. Kuthiwa lokhu kungenzeka kubangelwe ukuthutheleka kwezinkumbi zabantu KwaHlathi.
“Sikhathazekile nangokuthi kufika nabafundi bezovukuza ngokungemthetho kule ndawo okumele ngabe basesikoleni bayafunda. Sinokukhathazeka ukuthi lokhu kucekelwa phansi kwemvelo kungaholela ekutheni kube nezikhukhula kule ndawo ngomuso,” kuchaza isitatimende.
Izinkulungwane zabantu, ebezivela ezindaweni ezahlukahlukene, zithutheleke KwaHlathi emasontweni amathathu edlule ziyomba idayimane. Ngempelasonto kuvele ukuthi abakumbayo akulona idayimane kodwa amatshe, i-quartz crystals, intengo yayo ephansi kakhulu uma iqhathaniswa neyedayimane.
Lokhu akubathenanga amandla abebemba kule ndawo njengoba beqhubekile nabebekwenza.