BATHUKILE abashayeli bamatekisi asebesaba ukupaka ngaphansi kwebhuloho okuqathake kulona iveni ewele phezu kwetekisi kwashona umuntu.
Kube ubumayemaye erenki yamatekisi yaseMlaza esezimpambanweni zomgwaqo uPine (Monty Naicker) noRussell (Joseph Nduli), eThekwini ngenkathi iveni iwela phezu kwetekisi isuka ebulohweni kuN3 kwafa umshayeli weveni.
Kulimale umuntu ophuthunyiswe esibhedlela kulesi sehlakalo esenzeke ngoMgqibelo emini.
I-video egcwele ezinkundleni zokuxhumana ikhombisa kuwa izinsimbi ezisekele ibhuloho ezilandelwa yiveni iToyota Hilux emhlophe ewela phezu kwetekisi ngaphambi kokuthi ilale ngokhakhayi.
Itekisi ewelwe yiveni ibingenabantu njengoba ibisalinde ukulayisha. Abantu abahamba ngezinyawo ngakule renki babalekile bethuswa wumsindo.
Umshayeli wetekisi Isolezwe elixoxe naye, ocele ukungadalulwa igama lakhe, uthe mathathu amatekisi ashayekile abengenabo abagibeli.
“Sithukile namanje izimoto (amatekisi) azimanga lapha ngoba vele bezincane ebezisebenza. Ayiqali ukwenzeka le nto yokuwa kwemoto kuleli bhuloho. Sicela kwenyuswe izinsimbi ezisekele umgwaqo ngoba sithukile ngendlela okwenzeke ngayo,” kusho umshayeli.
Izolo ukusebenza erenki bekuqhubeka ngendlela ejwayelekile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala uthe kayaziwa imbangela yalesi sehlo kodwa amaphoyisa aseDurban Central aphenya icala lokubulala ngokungenhloso.
Uthe ngoMgqibelo ngo-2 ntambama iveni ibihamba emgwaqweni uN3 ongenela kuCommercial.
Uthe ngenkathi isebhulohweni, akwazeki ukuthi umshayeli weveni imphunyuke kanjani njengoba iphaphalaze yayowela phezu kwetekisi.
“Kucekeleke phansi amatekisi amabili. Umshayeli weveni ona-30 ushonele endaweni yesigameko kwathi abehamba naye waphuthunyiswa esibhedlela,” kusho uCaptain Gwala.