ISHAYE kwezwela iCoronavirus kubasebenzi baseNingizimu Afrika kwazise abaningi sebeqalile ukuma kolayini abade, beyocela imali emahhovisi oMnyango wezabaSebenzi.
Abasebenzi abakhulume neSolezwe bathe bebeqashwe ezitolo zokudla kodwa badiliziwe izinkampani abazisebenzelayo, zabayalela ukuthi bayofaka isicelo se-Unemployment Insurance Fund (UIF) eMnyangweni wezabaSebenzi.
“Siyathemba bazokwazi ukusiholela imali yethu ye-UIF ngoba kubuye kuthiwe amakhompyutha awasebenzi. Isibalo siyanda usuku nosuku ngoba ngesonto elidlule ulayini ubungemude kanjena,” kusho omunye ongathandanga ukudalulwa.
UMnuz Makhosonke Buthelezi, obhekele ezokuxhumana kwi-UIF uthe abantu bazoyithola imali yabo ngoba banamathimba aseqalile ukulekelela izinkampani ezinabasebenzi abangaphezu kuka-50.
Uthe akhona nama-technicians azolungisa ezobuchwepheshe uma benezingqinamba ukugwema ukungasebenzi kwamakhompyutha.
Ucele abantu ukuthi basebenzise uhlelo lwe-uFiling, a-mafax nama-email atholakala kwi-website yabo ethi ufiling.co.za noma ku-www.labour.gov.za.
Abantu ngeke baholelwe imali engaphansi kukaR3 500 okuyiNational Minimum Wage.
Abaqashi nabo baceliwe ukuthi bagcwalisele abasebenzi babo amafomu e-UIF ngoba nabo bayakwazi ukufaka izicelo uma amabhizinisi abo ekhahlamezekile.
Izolo, uNkk Wendy Alberts oyisikhulu esiphezulu seRestaurants Association of South Africa (Rusa) uthe izindawo zokudla zizovalwa ezinsukwini eziwu-21 ezizayo.
Uthe izitolo zokudla zizoshayeka ngenxa yeCoronavirus futhi abanye abasebenzi sebediliziwe.
Ucele abanikazi bezitolo zokudlela ukuthi baxoxe nabasebenzi futhi bafune usizo kwiRasa ngoba inawo amasu okubanakekela.
Uthe abanikazi bezitolo zokudlela kufanele bakhulume namabhange nomastende ngodaba lokumisa kancane ukukhokhela izikweletu.
Uveze ukuthi kunebhuku abalibhalile elizosiza abanikazi bezindawo zokudlela esikhathi samanje.