Izindaba

Sebesisebenzisa ngezindlela eziningi isinemfu

Nonthuthuko Ngubane|Published

EZINTWENI eziningi ezidayiswa nguNkk Clara Maphalala ngosuku okuhola ngalo izaguga e-Orlando Communal Hall, isinemfu asisali njengoba sasaziwa njengento ethandwa kakhulu abantu abadala kodwa manje sesingenisile entsheni futhi isisebenzisa ngezindlela ezehlukene. EZINTWENI eziningi ezidayiswa nguNkk Clara Maphalala ngosuku okuhola ngalo izaguga e-Orlando Communal Hall, isinemfu asisali njengoba sasaziwa njengento ethandwa kakhulu abantu abadala kodwa manje sesingenisile entsheni futhi isisebenzisa ngezindlela ezehlukene.

NONTUTHUKO NGUBANE noLUNGI LANGA

K WEXWAYISWA abesifazane ngobungozi bokusebenzisa isinemfu njengoba sekuvamile ukuthi babonakale bephethe amadosha esinemfu abasishutheka ngaphansi kolimi noma basihlohle esithweni sangasese.

Abanye balibiza nge-ntsu, abanye usne abanye bathi ugwayi wamakhala, kodwa idoshana elimnyama elinesivalo esiphuzi libukeka lingenisa kubantu besifazane abasebancane. Ngokwenhlangano eqwashisa ngomdlavuza kuleli, iCancer Association of South Africa (CANSA), isinemfu sinobungozi obufanayo nogwayi futhi singaholela ekutheni uhlaselwe wumdlavuza.

Ngokwale nhlangano isinemfu sidayiswa kubantu njengohlobo lukagwayi ongenabo ubungozi njengogwayi oshiswayo.

Ungoti kwezomdlavuza, uDkt Thandeka Mazibuko ongumsunguli wenhlangano egqugquzela ukuhlolwa komdlavuza, iSinomusanothando uthe isinemfu siyingozi. Singaholela ekutheni abantu babe nomdlavuza emlonyeni.

UDkt Mazibuko uthe abantu besifazane abaze badlulele ekutheni basebenzise isinemfu esithweni sangasese bazibeka engcupheni yokuthola umdlavuza kusona isitho sangasese.

Uthe isitho sangasese somuntu wesifazane silimala kalula ngenxa yendlela esakheke ngayo.

Ukufaka izinto ezithile ezisetshenziswa abantu besifazane ngenhloso yokwenza ucansi luthakaseleke kusibeka engcupheni. Kuze kubabeke engcupheni yokuthi babe nomdlavuza.

Ngokusho kwakhe akusona kuphela isinemfu esivame ukusetshenziswa abantu besifazane ukuzama ukwenza isitho sabo sangasese sithakaseleke ngesikhathi kuyiwa ocansini.

Uthe abantu besifazane basebenzisa izindlela eziningi zokuhlanza isitho sangasese okubuye kwaziwe ngedouching.

“Asikho isidingo sokuhlanza isitho sangasese usebenzisa ezinye izinto ngaphandle kwamanzi.

Ayikho into okufanele ingene esithweni sakho sangasese ngaphandle kwe-tampon uma ulashelwa umdlavuza ngohlelo lwe chemotherapy noma uma kukhona into edinga ukufakwa udokotela ngoba ekuhlola. Isitho sowesifazane sangasese asidingi ukufakwa zonke lezi zinto ezifakwa abantu besifazane kusona,” kusho uDkt Mazibuko.

Ukusetshenziswa kwesinemfu esithweni sangasese sekukhathaze nezangoma.

UNkk Rose Phakade (77) onesigodlo eNanda uthe uyasisebenzisa isinemfu kodwa waqala ukuzwa ngaso ngesikhathi esathwasa. Uthe kuyamangaza ukubona amantombazane asemancane edushana eyothenga isinemfu. “Ngangiphathwa yikhanda ngisathwasa. Ngilele ngabona ephusheni abadala bengikhombisa idosha lesinemfu ukuthi lizongisiza kuleli khanda. Ngaqala lapho ukusisebenzisa. Ngisibhema ngamakhala. Ngisibhema ngoba siyangisiza. Kungiphatha kabi ukubona amantombazanyana esephethe leli dosha, alishutheka ezindaweni eziningi,” kusho uNkk Phakade.

“Kuyadida ukuthi ugwayi wamakhala ungasiza kanjani kwezocansi. Laba abenza lokhu benza lo gwayi ungabukeki kahle. Ngokwami anginamahloni ngawo ngoba uyangisebenzela. Bengiwubeka naphezu kwetafula uma ngiwubhema,” kusho uNkk Phakade. Isolezwe lithole ngowesifazane waseThekwini ongathandanga ukudalulwa, ukuthi uyawusebenzisa lo gwayi ukuzijabulisa.

“Ngiwufaka emlonyeni, ngasemazinyweni angaphambili. Ngizizwa ngikhululeka, kube mnandi umzimba wonke uma sengisishutheke emlonyeni. Bakhona abawufaka esithweni sangasese kodwa mina angikwenzi lokho ngiyesaba,” kusho lo wesifazane. Akusathusi ukubona osesifazane eshutheka lo gwayi emlonyeni ngoba sekujwayelekile. Ozibize ngoSakhile Ndlovu odayisa kwesinye sezitolo eMount Royal uthe isinemfu sinedumela kakhulu kwabesifazane abancane njengoba sihamba ngokushesha. Sidayiswa u-R5 kodwa kubuye kuhluke ngezindawo.