SELOKHU kuqale ukuvalwa thaqa kwezwe laseNingizimu Afrika, babalelwa ku230 000 abantu asebekhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngenxa yokuphula imithetho kathaqa.
Lezi zibalo ziqinisekiswe nguNgqongqoshe woMnyango wamaPhoyisa kuleli, uGeneral Bheki Cele, ngesikhathi enesithangami sabezindaba namhlanje emini. Ubezochaza ngokuhlonishwa kukathaqa yizakhamuzi zakuleli.
Ngokusho kukaCele, zibe ngu-107 000 izikhalazo ezibikwe emaphoyieni futhi bangu-118 000 ababoshelwe ukuphula umthetho kathaqa. Lezi zibalo kuthiwa zinyukele ku230 000 ngenyanga.
UCele uthe selokhu kuthanjiswe eminye imithetho njengoba sekungenwe esigabeni sesine, amaphoyisa abone zanda izehlakalo zobugebengu, obungahlangene nothaqa.
Nakuba kunjalo kodwa uthe izinga lobugebengu obuhlasimulisa umzimba lehlile. Izinga lokubulalana kwabantu lehle ngo-63.9%, okuchaza ukuthi abantu ababulewe kulo nyaka bebengaphansi kuka1 898, uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo sanyakenye.
Isibalo samacala okudlwengula esibikwe kulo nyaka besingu-4 431 (82,8%) kanti awokuzama ukubulala ehle ngo-1 439 (56%). Awokushaya ngenhloso yokulimaza ehle ngo-17 796 kanti awokugqekeza ehle ngo9 427 (63,6%).
Akayithanga vu eyokuvulwa kukatshwala nogwayi kodwa wathi uyekela kongqongqoshe abafanele nakumengameli wezwe ukukhuluma ngalokho. Yize kunjalo kodwa uthe ukuvalwa kotshwala kuphathelene nokuqinisekisa ukuthi imibhede yenele ezibhedlela ukulapha abahaqwe yigciwane leCorona.