KUSOLWA ukuthi bebehlose ukuqotha imbokodo nesisekelo abalisa abebezenza amaphoyisa, abangqongqise izimoto ezine emzini wakwaNene, eMid-Illovo, ngoMsombuluko ebusuku.
Aselala obenyoni amalungu alo mndeni njengoba ekholelwa ekutheni kukhona abafuna ukuwabhuqa kulesi sigodi akhe kuso saKwaDwengu.
Bekungekhona okokuqala lo mndeni usinda emizameni yokuwasoconga njengoba asinda ezigamekweni ezimbili ezehlukene, kwesinye okwatholakala kuso amagobolondo ezinhlamvu angu-20 kanti kwesinye kwatholakala angu-13.
Echaza ngesigameko sangoMsombuluko ebusuku, amalungu alo mndeni, angathandanga ukudalulwa, athi kwatheleka amadoda amane ayedlubhe umfaniswano wamaphoyisa ngaphambi kancane kokuthi kube yiphakathi kwamabili, abe eseqala ukuthungela izimoto ngomlilo.
“Ngicabanga ukuthi inhloso bekuwukuthi bathungele umuzi wonke ngomlilo bese bebulala wonke umuntu okhona,” kusho ilungu lomndeni elicele ukuba igama lalo lingadalulwa ngenxa yezizathu zokuphepha.
“Kusize khona ukuthi sisheshe sivuke. Ngoba-ke nathi sinazo izibhamu ezisemthethweni sabe sesiphindisela, base bebaleka.”
Kulesi sigameko kushe amaveni amabili nemoto eyodwa encane kwaba wumlotha kwathi enye encane yasha kancane.
Ngesikhathi Isolezwe lifika kulo muzi, amalungu omndeni abesababaza lesi sigameko, esho nokuthi aphunyule ngembobo yenaliti.
Abebonakala ukuthi athukile kanti futhi abemehlo mane, njengoba ebeqalaza yonke into eyenzeka eduze kwawo.
Leli lungu lomndeni lithe bazizwa bengaphephile njengoba lithe bayasongelwa.
“Umuntu akasahleli kahle. Silokhu sisongelwa, kuthiwa kufanele sitholakale. Sizizwa singaphephile ngempela. Mina ngike ngasinda ngidutshulwa ngoMeyi, le moto (ekhomba enye yezimoto ezishile) inezimbobo zenhlamvu ezingu-13. Lapho ngangidutshulwa ngesibhamu, i-9 mm, nange-AK 47.
“Ngike ngadutshulwa futhi ngihamba nomzala wami. Lapho kwatholakala amagobolondo ezinhlamvu angu-20 ezibhamu i-R4 ne-R5.”
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokucekelwa phansi kwempahla.
La malungu omndeni awufunanga ukuqagula ngembangela yokuhlaselwa kwawo.
Kunemibiko yokuthi kunamalungu omphakathi aselala emahlathini kule ndawo ngenxa yempi eqhubekayo, okungacaci ukuthi isukaphi njengoba amalungu omphakathi ethi ayesaba ukukhuluma ngayo.