SEBEBAHLANU abantu ababulalwe yimvula ebeyina umlibe kusukela ngoLwesibili kuze kube nguLwesithathu KwaZulu-Natal.
Izolo kushone izingane ezimbili eMandeni, ebezibhukuda echibini okumbiwa kulo inkwali.
Ukushona kwezingane zaseMandeni, oSmanga Sbusiso Sibiya (10) noLuyanda Mngomezulu (8) kusho ukuthi zinhlanu izingane ezibulewe yimvula okubalwa abafundi abathathu eMlalazi oNontethelelo Mcanyana (18), Sinikiwe Mpanza (17) noZenande Gumede (14) abamuke bezama ukuwela umfula iMatimofu bephuma esikoleni sebebheke emakhaya.
IMeya kaMasipala waseMandeni, uMnuz Sphesihle Zulu, igqugquzele abazali ukuthi baziqaphe ngelokhozi izingane zabo emuva kokuminza kwezimbili. Ithe bathole ukuthi lezi zingane zandawonye zisuke kubo ziyovakashela umngani wazo komunye umuzi endaweni, zase zihehwa ngamanzi asechibini kanti zizominza.
“Umndeni ubikelwe enye ingane ukuthi izingane zakwaSibiya zingene echibini.Siphatheke kabi ngokuminza kwazo futhi sicela abazali baziqaphe ngeso lokhozi izingane ngoba kunamanzi agelezayo emgwaqeni amanye agcwele emachibini,” kusho uZulu othe okwamanje bamatasa nokubheka umonakalo odalwe yimvula ebina ngoLwesibili nangoLwesithathu.
“Kusasa (namhlanje) sizovakashela umndeni wakwaSibiya ukubona ukuthi singawusiza kanjani. Sesiqalile umsebenzi wokuvula imigwaqo ebivalekile osekuphephile ukuthi ivulwe. Sihambela nemindeni emoshakalelwe yimizi.”