UMSUNGULI we-IFP, Inkosi Mangosuthu Buthelezi, usola isandla semfene ngokuhlubuka kukaNkk Zanele Magwaza-Msibi, eqenjini lakhe ayosungula iNFP.
UMntwana uButhelezi uthi akazange ambambele igqubu uNkk Magwaza-Msibi ngesikhathi eshiya i-IFP eminyakeni ewu-10 edlule kepha waqhubeka nokumthatha njengegane yakhe ngoba wayazi ukuthi kukhona obaqathayo.
Lokhu kudalulwe yizinduna zesizwe sakwaButhelezi, ebezithunywe nguButhelezi ukuthi ziyobhonga emswaneni emzini kaNkk Magwaza-Msibi, oLundi, ngoLwesibili.
Ibamba bukhosi esizweni sakwaButhelezi, Inkosi Mpikayise Buthelezi, lithe uMntwana uveze ukuthi naye ulahlekelwe ngokudlula emhlabeni kukaNkk Magwaza-Msibi.
"Ngesikhathi ngikhuluma noMntwana, engitshela ukuthi ufuna ukusithuma lapha ekhaya ukuba sizomkhalela, usitshele ukuthi yingane yakhe lena. Wathi sinitshele ukuthi ubuhlungu enibuzwayo, naye uyabuzwa.
"Usitshele ukuthi yingane yakhe lean, azikhulisela yona incane yaze yafunda ipolitiki. Nokuphuma kwayo iqembu, ngiyazi ukuthi kwakhona abezombusazwe ababemphusha ngemuva, wayengazenzeli yena,"
UButhelezi ukhalise abakwaMsibi ngenkabi. Inkosi ithe ukuphuma kukaNkk Magwaza-Msibi, akuzange kudale inzondo phakathi kwakhe noMntwana.
"UButhelezi uze wathi kumina ngesikhathi uNkk kaMagwaza-Msibi efika ephalamende, waba ngowokuqala ukuyombingelela. Uthe nangesikhathi ezwa ukuthi uyagula, wamthumelela izimbali," kubeka inkosi uMpiyakhe Buthelezi, edlulisa amagama enduduzo kwabomndeni.
UButhelezi uthe uMntwana ubekholelwa kakhulu ebuholini bukaNkk Magwaza-Msibi.
"Wayefuna ukumenza undunankulu waKwaZulu-Natal, ngebhadi akangaphumelela okhethweni. Kwakuzokuba ngokokuqala iKwaZulu-Natal, iba nondunankulu wesifazane."
UButhelezi uthe zonke izinduna zesizwe sakwaButhelezi ezingu-56 zilahlekelwe njengoba ethe uNkk Magwaza-Msibi waletha intuthuko kulesizwe, ngesikhathi eyimeya yomkhandlu wesifunda, iZululand.
Unxuse abaholi beNFP ukuba bangasali belwa bodwa, bebanga izikhundla.
"Alingasali iqembu lilwa ngenxa yokuthi nina nihlulekile ukuliyisa phambili, nibanga izikhundla. Yena wayengenandaba nezikhundla."
Umndeni kaNkk Magwaza-Msibi, uthe ukujabulele ukuthi uMntwana uButhelezi azobakhalisa. Ilungu lomndeni uNkk Ntomba Magwaza, lithe bebehlale bezibuza ukuthi ngubani owaxabanisa uButhelezi noNkk Magwaza-Msibi. Wathi nangesikhathi kukhona ababemnxenxa ukuthi asungule iqembu lakhe, bona njengomndeni bamnqabela.
Unobhala weNFP, uMnuz Canaan Mdletshe, uthe uButhelezi ukukhombisile ukungabi nanzondo kuNkk Magwaza-Msibi.
"Lesi senzo sakhe sokuyobingelela uNkk kaMagwaza-Msibi ngesikhathi efika ephalamende, sangimangaza. Kwangikhombisa ukuthi uButhelezi akasiye nje umholi wezepolitiki kuphela kodwa enganeni, uyaba ngumzali. Lokhu akwenzile kukhombisa ukuthi kuyazwela nakuyena njengomzali."
Izolo abantu bebesaqhubeka nokuzobhonga emswaneni emzini kaNkk Magwaza-Msibi, ozongcwatshwa ngoMgqibelo. Namhlanje kuzokuba nenkonzo yesikhumbuzo edolobheni oLundi.