OMUNYE wabesifazane ababhekene namacala okubulala abafanyana ababili baseClairwood ulivumile icala ngesikhathi bevele eNkantolo ePhakeme yaseThekwini. Lo wesifane uveze indlela enyantisayo ababulawa ngayo abagilwa.
Kusolakala ukuthi uLuyanda Msomi (10) noNjabulo Mankayi (10) babulawa yilaba abesifazane ababili ngenhloso yokuziphindiselela ngoNovemba 2017.
Esitatimendeni sika-Amahle Maliwa (28) esifundwe ummeli wakhe uMnuz Patrick Mkhumbuzi enkantolo ngoLwesithathu, utshele inkantolo ukuthi yena nasolwa naye uLiziwe Ngwayishe bahlela ukuyengela abagilwa emzini wakhe ngoNovemba 9 ngesikhathi beya esikoleni.
U-Amahle uveze ukuthi wayethandana noyise kaNjabulo, uMnuz Thandaza Mankayi. Uthe ngemva kokuthi uyise kaNjabulo ehlukene naye, waba nengcindezi emoyeni ethemba ukuthi basazozilungisa izinto kepha kwangenzeka.
Uthe, nangesikhathi ezisola ukuthi ukhulelwe ecela imali yokuya kudokotela kuMankayi ukuze aqinisekise lokhu wamushaya indiva. Uthe watshela umngani wakhe uLiziwe ngalokhu base beqhamuka netulo lokuthi babulale indodana kaMankayi uNjabulo ukuze bamzwise ubuhlungu.
Uthe banika laba bafanyana o-R5 babatshela ukuthi abashiye izikhwama zabo baye kodlala nezinye izingane. Uveze ukuthi uNjabulo waba ngowokuqala ukubulawa.
"Ngabiza uNjabulo ngenkohliso yokuthi uyise ufuna ukumbona. Sabe sesihamba naye uNjabulo saya ngasemuva kwezitolo lapho kwakukhona izihlahla eziningi nomfula. ULiziwe wabamba izandla zikaNjabulo ngase ngimphuzisa ushevu ngenkani," kusho yena.
Uthe uNjabulo wawa phansi uNgwayishe wase elahla isidumbu sakhe emfuleni. Uthe uLuyanda wabulawela ukumvala umlomo.
"Endleleni ebheke ekhaya, sabona ukuthi uLuyanda usadlala nezinye izingane eduze komuzi sase sicabanga ukuthi angasidalela izinkinga. ULiziwe nami senza sengathi siphelezela uLuyanda simyisa kuNjabulo noyise saze safika kwenye indawo engaphesheya kojantshi wesitimela. Ngamphuzisa ushevu ngesikhathi uLiziwe emklinya ngehembe lakhe. Ngesikhati sesibona ukuthi usethambile, samshiya ehleli sakuncika sabuyela ekhaya lapho esafika salala khona kwaze kwasa ekuseni kwafika amaphoyisa ezosibopha," kusho yena.
U-Amahle ubeqgunywe esitokisini kusukela aboshwa ngemva kokunqatshelwa ibheyili eNkantolo yeMantsi ngo-2017, kanti uLiziwe akazange asifake isicelo sebheyili.