ABASHAYELI bamatekisi, abasizi babo nezimenenja zasemarenki baphonselwe inselelo yokuthi baqinisekise ukuthi wonke umgibeli ungena etekisini efake isifonyo.
Lokhu kubangwe wukubona ukuthi iningi labagibeli bamatekisi alisayigqiziqalakala eyokuzivikela egciwaneni iCorona.
Ukukhula kwesibalo sabantu abatheleleka ngegciwane iCorona sekuvuse itwetwe lokuthi kungenzeka iNingizimu Afrika ibuyiselwe esigabeni sesithathu somvalelandlini.
Izinhlangano zamatekisi - South African National Taxi Council (Santaco), National Taxi Alliance (NTA) nososeshini iDurban Long Distance Taxi Association - zithe zizoqhubeka zigqugquzele abagibeli ukuthi bafake izifonyo.
Umphathi wehhovishi leSantaco KwaZulu-Natal, uMnuz Sifiso Shangase, uthe kule nyanga ka-Okthoba okungeyezokuthutha, bebezungeza isifundazwe beqinisekisa ukuthi iyalandelwa imithetho yezempilo elwa nokusabalala kweCovid-19 embonini yamatekisi.
“Sigcine sikhipha umyalelo othi umshayeli ongasigqokile isifonyo kukhona inhlawulo okumele ayikhokhe ngesikhathi abanjwe ngaso,” kusho uShangase.
Uqhube wathi bebemehlisa etekisini umgibeli obengasifakile isifonyo bephephisa abantu futhi bengafuni kuthiwe imboni yamatekisi ebhebhethekisa iCorona.
Usihlalo weNTA, uMnuz Musawakhe Maphumulo, uthe kuyiqiniso ukuthi iningi labagibeli alisazifaki izifonyo. Uthe bazifaka ezikhwameni noma bazilengise esilevini okungavimbeli ukuthi umuntu asuleleke ngeCorona.
“Isibulalimagciwane abasasigcobi ezandleni abagibeli abangena ematekisini. Isifo kasiphelile. Ukwehliselwa esigabeni sokuqala somvalelandlini kwakungasho ukuthi ayingabe isathotshelwa imithetho elwa neCorona,” kusho uMaphumulo.
Uhambe emazwini kzakwabo, uMnuz Bhekisisa Nzuza, ongumkhulumeli weDurban Long Distance Taxi Association, wangeza ngokuthi igciwane lizobhebhethekiswa yizindawo zobumnandi ezidayisa utshwala.
UNzuza uthe bayalela izimenenja emarenki nabashayeli ukuthi baqikelele ukuthi wonke umgibeli uyasifaka isifonyo etekisini.
“Isifo asiphelile kepha sibuya ngamawala ngakho abagibeli abaqhubeke bafake izifonyo bagcobe izandla ngesibulalimagciwane. Izindawo ezidayisa utshwala yizona ezizobhebhethekisa igciwane ngoba uma kuhlangenwe kuphuzwa, umuntu akacabangi ukuthi kumele afake isifonyo,” kuphetha uNzuza.
Sebengaphezu kuka-19 000 abantu ababulawe yiCorona eNingizimu Afrika selokhu izwe lashayelwa umthetho wenhlekelele ngoMashi 15.