INANDA FM ibambe ufishi omkhulu njengoba yamukele uNoxolo Mathula (29) owaziwa ngoLilly emidlalweni kamabonakude, Uzalo, osezoba ethimbeni labethuli bezinhlelo zayo zomculo.
UNoxolo useke walingisa emidlalweni eminingi yethelevishini, okubalwa kuyo iFalakhe neHostela.
Uthe bekuyiphupho lakhe ukuba wumsakazi, futhi yinto akade ayefuna ukuyenza kusukela eseyingane.
“Ngijabule kakhulu ukuba isifiso sami sesifezekile. Ngibonga nabaphathi beNanda FM ngokungeseka nokungifundisa ukuze nami ngikwazi ukwenza lo msebenzi,” usho kanje.
Uqhube wathi wenza umsebenzi omningi ukuze azibonakalise ngoba ubezimisele ngokuthola umsebenzi wokusakaza.
“Ngangifika esiteshini ngibuke abanye abethuli bezinhlelo besebenza, ngifunde ukuthi izinto zihamba kanjani. Kwathi sengifundile bangivumela ukusakaza ohlelweni olisihloko sithi Hood Up,” kusho uNoxolo.
Uthe ngesikhathi bemtshela ukuthi uzohola uhlelo wayethukile kodwa wajabula ukuthi isifiso sakhe sizofezeka.
UNoxolo uthe uhlelo olisihloko sithi Urban Top 30 kuhloswe ngalo ukugcina abalaleli bejabule ngomculo oshisayo nothandwa yiwo wonke umuntu okwamanje.
“Abantu babuye basifonele, basitshele ngomculo abawuthandayo nabafuna ukuwuvotela ukuthi uhlale kwi-top 30,” kusho uNoxolo.
Uqhube wathi uhlelo alugcini nje ngomculo kodwa babuye bazikhulumele ngezihloko ezihamba phambili futhi abalaleli bayangena, baveze imibono yabo ngezihloko ezahlukene.
UThandeka Msane, umphathi wesiteshi iNanda FM, uthe isiteshi sasimamukela ukuthi asize ngokusakaza ezinhlelweni zabo.
“Sabona ukuthi unekhono lokusakaza ngenkathi esisiza ngokuhola ezinye zezinhlelo, ikakhulukazi kwezomculo we-hip hop,” kusho uThandeka.
Uthe ukuzimisela kwakhe emsebenzini nokuthanda ukufunda yiyona nto eyenza bamthande esiteshini, nokuthi bamnike uhlelo lwakhe.
Uqhube wathi ngesinye isikhathi ubethi esebenza futhi ngakolunye uhlangothi abe eshutha ohlelweni lwakhe lwetelevishini kodwa wayesigcina isikhathi sokufika esteshini.
“UNoxolo umuntu osebenza ngokuzikhandla futhi unekhono, kuyinjabulo ukusebenzisana naye,” ephetha.
Lolu hlelo ludlala kusukela ngo-12 kuze kube wu-3 ntambama ngeSonto.
UNoxolo uzobe esakaza lolu hlelo kanye no-Cannon Mncwango.