UMSAKAZI woKhozi FM usexolisile ngokunameka ku-Instagram wakhe iVideo yengane ekhubazekile ebekuhlekiswa ngayo ngesonto eledlule.
UBheka “BK” Mchunu ukhiphe isitatimende wasifaka ku-Instagram wakhe exolisa. Uthe wayezitshela ukuthi iVideo yengane okwakuhlekiswa ngayo idokoteliwe ngenhloso yokwenza ihlaya.
Uveze ukuthi naye wayithola kuTik Tok lapho ejwayele ukuthola khona izinto ezingamahlaya.
“ IVideo bengiyenameke ku-Instagram wami ngoLwesine olwedlule. Ngangizitshela ukuthi akuyona into yangempela kodwa bekwenziwa ihlaya. Nami ngayifaka ku-Instagram ngenhloso yokuhlekisa abalandeli bami ngoba ngangizitshela ukuthi ihlaya. Ngiyaxolisa kakhulu kubo bonke abalandeli bami, kubantu abakhubazekile, isemndenini wengane okwakuhlekiswa ngayo nasemphakathini wonkana ngokuba budededengu ngalolu hlobo. Ngizwe ngoba sengitshelwa ngabantu ukuthi leya Video iveza ingane ekhubazekile ngempela akulona ihlaya,” kusho uBheka Mchunu esitatimendeni.
Uthe njalo ngoLwesibili ohlelweni lwakhe uzohlala enesihloko i#Disability 360 ukukhuluma nabantu abakhubazekile nokuzwa izinselelo ababhekana nazo .