IZIBHELU zakamuva ezidlule nemiphefumulo ebalelwa kuka-117 futhi zacekela phansi izakhiwo nezimpahla, sezisukumise phansi isihlabani somculo wokholo odabuka KwaMashu, uSwazi Dlamini nebandla akhonza kulo likaMphrofethi uShepherd “The Major 1” Bushiri, i-Enlightened Christian Gathering Church (ECG) ukuba balwe nalesi sihlava. Kuzokhunjulwa ukuthi babalelwa ku-91 abantu baKwaZulu-Natal abashonile kulolu dlambedlu kwathi eGauteng kwaphuma imphefumulo ewu-26.
USwazi, owaqala ukuduma esekwiJoyous Celebration ngengoma eyayithi Keep The Faith nethi I've Got Something, uthe bahlele ukhukhulelangoqo womthandazo kazwelonke ohambisana nokubanjwa kwebhande kusasa ngoMgqibelo phakathi kuka-6 ekuseni no6 wantambama. Echaza ngenhlosongqango ngalo mkhuleko, uSwazi uthe ukuthandazela ukuthula noxolo esizweni saseNingizimu Afrika.
"Sizobe sinomfundisi ozobe ethandaza njalo ngehora ekhasini likaFacebook
e-ECG South Africa. Kune-link ezosabalaliswa neZoom kulabo abangakwazi ukujoyina igumbi okuzobe kuthandazwa kulo njengoba sizobe sinxusa ukuba kuvame umusa esizweni sethu." Uthe njengoba ibandla labo selisabalelele zonke izifundazwe zakuleli, abefundisi bakulezo zifundazwe bazobe bebambe iqhaza.
Njenge bandla elisabalele i South Africa yonke. Ngenxa yokulandela imithetho yokuvalwa kwezwe okusesigabeni sesine, uSwazi uthe wonke umuntu uzobe ekhuleka ekwakhe.
"Kuzobe kuthandaza abefundisi base-ECG bodwa, beholwa yinhloko yabo kuzwelonke, uPastor Samuel Dulungana," kuphetha uSwazi.
Kwenzeka lokhu nje leli bandla lisaselwe dengwane njengoba umsunguli nomholi walo uMphrofethi Shepherd Bushiri usesezweni adabuka kulo iMalawi emuva kokuphinda eqe nomkakhe, uMary, ngenyanga eyedlule.
Ngokusho kweCity Press uBushiri wayekuleli ngo-Ephreli kodwa waphumelela ukweqa ngaphambi kokuba aboshwe. UBushiri nomkakhe bakhalelwa ngamasongo kaSigonyela ngo-Okthoba ngecala lokweba nokuqola abantu. Babekhululwe ngebheyili kaR200 000 ngesikhathi beqa ngoba bethi basabela ukuphepha kwabo.
I-ECG izoba nalo mkhuleko wokuthula noxolo nje sibi isimo naselokishini elihlala kakhulu umphakathi womdabu waseNdiya, iPhoenix, kuphume imiphefumulo kubantu abawu-15 ngenxa yodlame okusolwa ukuthi lugqugquzelwe wubuhlanga. Lempi iqubuke phakathi kwabantu abamnyama abahlala endaweni yaseZwelisha nabomdabu waseNdiya abahlala ePhoenix.
UNgqongqoshe obambile ehhovisi likaMengameli, uNksz Khumbudzo Ntshavheni, sekuqalwe uphenyo emva kokutholakala kwezidumbu eziyisithupha ophahleni lwenxanxathela yezitolo eTembisa South, wathi lezi zidumbu azihlangene nabebetapa impahla.
“Isimo sisashubile KwaZulu-Natal, amaphoyisa nombutho wezokuvikela basiqaphile isimo. Azikho izehlakalo ezibikiwe eGauteng namhlanje (izolo) zokutatshwa kwempahla.”
Uthe kuboshwe ubhongoza oyedwa kwabangu-12, abasolwa ngokuphehla lolu dweshu lokuvekelwa phansi kwempahla, ukushiswa kwezitolo kanjalo nenye ingqalasizinda.
Bangaphezu kuka-1 478 abantu asebeboshiwe eKZN mayelana nokutatshwa kwempahla kuthi eGauteng bangu-725 kanti sebebonke bangu-2203.
“Okwamanje angikwazi ukuphawula kabanzi ukuthi ubani oboshiwe ngoba kuzophazamisa uphenyo. Uphenyo lusaqhubeka, amaphoyisa asezithendeni zalaba abanye abangu-11.”
Uthe basezinhlelweni zokuthi kuvulwe imizila emikhulu uN2 noN3 ukuze kuhambeke kufike ukudla nezinye izidingo ezidingekayo ezweni.