IFILIMU evutshelwe edolobheni eThekwini, i-God’s Work, iqokwe kwi-Best South African Feature futhi izokhonjiswa okokuqala kwiDurban International Film Festival, eSuncoast Cinecentre. eThekwini ngoJulayi 20 ngo-7 ebusuku.
Le filimu ikuthatha ikubeke ngamadoda ayimihambima ngaseDenis Hurley Centre kuleli dolobha. Lo mdlalo ukhuluma ngoSimphiwe, okuyindawo elingiswa yisilomo uThobani Nzuza wodumo lweHostela, Uzalo nakwiDiepCity.
Abanye ababoshelwe kule filimu ngoMbulelo Radebe, Omega Mncube, Siya Xaba, Zenzo Msomi noNduduzo Khowa.
Uphrojusa wale filimu uSithabile Mkhize, uthe kule filimu baveza ukuthi kubanjani ukuba wumuntu emhlabeni ongenabo ubulungiswa. Uthe unethemba lokuthi izokhathula indima emqoka ekuvezeni izinkinga ezikhungethe abantu bakuleli.
"Lena akusiyo ifilimu kodwa wudaba ngamandla, ukulahlekelwa nokuthi ubakanjani wumuntu ongenanembeza emhlabeni," kusho uSithabile.
Ngaphandle kukaSithabile, abanye ababambe elikhulu iqhaza ngoMarco Orsini (USA), Toni Monty (SA) noGary Springer (USA) ongumdidiyeli omkhulu kodwa umqondisi nombhali wuMichael James.
Le filimu izobuye ikhonjiswe eDenis Hurley Centre ngoJulayi 26 ngo-1 ntambama, eWatercrest Sterkinekor ngoJulayi 27 ngo-5 ntambama. Ngaphandle kwaseKZN, izobuye ikhonjiswe eThe Bioscope (Johannesburg) ngo-Agasti 1, ngo-12 emini naseLabia Theatre (Cape Town) ngo-Agasti 3 ngo-12 emini.