UDINGA uR7 billion uMnyango weMfundo eyisiSekelo kuleli ukuze uhlinzeke ngezindlu zangasese kubafundi ezikoleni njengoba kunezikole ezisasebenzisa awomgodi.
Le mali idingeka ngoba ekupheleni konyaka wezimali u-2019/2020 kumele zibe zingasekho izindlu zangasese ezingumgodi.
Lokhu kuvele ngesikhathi umnyango uvele phambi kwekomiti lezamanzi nokuhanjiswa kwendle nekomiti lemfundo eyisisekelo.
UMengameli Cyril Ramaphosa wayalela uNgqongqoshe walo Mnyango uNkk Angie Motshekga ukuthi enze ucwaningo lezikole ezingenazo izindlu zangasese ezisasebenzisa imigodi.
UMnuz Solly Mafoko, obhekele ingqalasizinda emnyangweni, uthe zingu-6 938 izikole zikahulumeni kwezingu-23 334 ezisebenzisa izindlu zangasese zemigodi.
Uthe iningi lazo ezamabanga aphansi nezabakhubazekile.
Uthe izifundazwe iKwaZulu-Natal ne-Eastern Cape kanjalo neLimpopo yizona ezinezikole eziningi ezinezindlu zangasese zomgodi.
UMafoko uthe kuzodingeka ukuthi bafune imali kumgcinimafa wathi kunomhlangano ohlelelwe isonto elizayo ukuze kubhekwe indaba yesabelo sokuhlinzeka ngezindlu zangasese.
Uthe kulo nyaka wezimali banezinhlelo ezingu-949 zokuhlinzeka ngezindlu zangasese wathi ezingu-632 sebeziphothulile, ezingu-249 zazo ziseLimpopo. E-Eastern Cape zingu-182 kuthi kulesi sifundazwe zibe ngu-108.
Kwenzeka lokhu nje ngeledlule iNkantolo yoMthethosisekelo ichithe umnyango ecaleni elithinta ukuhlangabezana nemibandela eyabekwa ngumnyango mayelana nokuhlinzekwa kwengqalasizinda ezikoleni zakuleli.
I-Equal Education yayisa umnyango enkantolo ifuna uhlangabezane nombandela owazibekela wona wokuthi uzohlinzeka ngengqalasizinda ezikoleni. Umnyango wakhala ngokuthi awukwazi ukuthi ungahlinzeka ngayo yonke ingqalasizinda njengoba ugesi uhlinzekwa ngu-Eskom hhayi umnyango.
USihlalo wekomiti lezemfundo ePhalamende, uNkk Nomalungelo Gina, uthe izikole eziningi emalokishini nasezindaweni zasemakhaya yizona ezibhekene nenkinga yezindlu zangasese zomgodi.