UMNYANGO weMfundo eyisiSekelo uqinisa amabhawodi ekunqandeni izehlakalo zokukopela kwababhala izivivinyo zika-matric kuleli njengoba othisha, othishanhloko kanjalo nalabo abayingxenye yezivivinyo sebezosayina isibopho sokuthi ngeke bazibandakanye nokukopela.
Lokhu kuvezwe nguDkt Rufus Poliah, obhekele izivivinyo emnyangweni izolo, ngesikhathi bevele ngaphambi kwekomiti lasePhalamende ngamalungiselelo okubhalwa kwalezi zivivinyo.
Phambilini lesi sibophezelo besisayinwa ngabafundi nabazali babo kuphela ngaphambi kokuthi kubhalwe.
UPoliah uthe inhloso wukuthi bonke abayingxenye yezivivinyo bazi ukuthi imibandela iqinile uma bebanjwe besiza ukuthi kukotshelwe.
“Kulo nyaka sishintshe izinto njengoba sisebenzisana neState Security Agency ukuqapha izikhungo okugaywa kuzona amaphepha kamatric. Asifuni kube nogcobho ezivivinyweni zikamatric.”
Uthe kunenombolo yamahhala esebenza ubusuku nemini uma sekubhalwa izivivinyo.
Uqhube wathi abanye othisha nothishanhloko babenzele phansi ngokuthi basize abafundi bakopele.
“Esehlakalweni esenzeka eMpumalanga, sathola ukuthi elinye lamaphepha lavulwa ngaphambi kokuba lifike ezikoleni, ngesikhathi eyiswa esikoleni esuka esikhungweni ayegcinwe kusona. Kwaziswa othisha abafundisa leso sifundo kwabe sekwaziswa abafundi. Lowo thisha wamiswa kwathathwa namaselula abasebenza ngezimpendulo.”
Uthe kuzoqashwa ngelokhozi izikole okuke kwaba nemibiko yokuthi kunabafundi abakopela kuzo.
“Kulezo okwabanjwa oqotsheni abafundi bekopela, kuzotshalwa abazoqapha isimo kuze kuphothulwe izivivinyo. Kwezinye kuzoba nalabo abazobe behla benyuka bebheka isimo sokubhalwa kwezivivinyo.”
IPhini likaNgqongqoshe lalo mnyango, uDkt Reginah Mhaule, lithe kubalulekile ukuthi kungabikhona ngisho iphepha elilodwa eliputshukayo.
Uthe ukuputshuka kwephepha elilodwa kubeka engcupheni zonke izivivinyo zika-matric.
Kulo mhlangano kuvele ukuthi bangu-723 971 abafundi abazobhala izivivinyo kulo nyaka.
Lesi sibalo sehlile uma kuqhathaniswa nababhale nyakenye njengoba bebengu-753 964.
Bangu-170 637 abafundi abazobhala lezi zivivinyo KwaZulu-Natal.
Kulaba abangu-23 338 babhala ngasese.
UNgqongqoshe walo mnyango, uNkk Angie Motshekga, uzomemezela imiphumela yaleli banga ngoJanuwari 18, 2024.
Izifundazwe zizokhipha imiphumela ngoJanuwari 19, 2024 okuwusuku abafundi okumele balande ngayo imiphumela yabo ezikoleni.