UZOQHUBEKA agqunywe ezitokisini umnikazi wethaveni okuthiwa utholwe nomfaniswano wamaphoyisa, isibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni oLundi.
Kuthiwa amaphoyisa avundulule nezinhlobonhlobo zemimese, isikhwama ebesigcwele insangu, ashaqa notshwala obungabiza uR70 000.
Amaphoyisa athe umsolwa (37) uvele eNkantolo yeMantshi yaseMahlabathini ngoLwesibili, icala lahlehliselwa isonto elizayo.
Kuthiwa amaphoyisa abenze isivimbamgwaqo emgwaqweni uKing Dinuzulu, kuseshwa izimoto nabantu.
Kubikwa ukuthi yilapho ethole khona ulwazi lokuthi kunomnikazi wethaveni eseMbilane, onesibhamu esingekho emthethweni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aye emzini kamsolwa okukhona nethaveni kuwo egcekeni.
ULt Col Gwala uthe amaphoyisa aseshe umuzi nethaveni. Udalule ukuthi umsolwa uboshiwe wabekwa icala lokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
“Ubekwe necala lokutholakala nomfaniswano wamaphoyisa nezidakamizwa,” kusho uLt Col Gwala.
Kwesinye isehlakalo, oKlebe babophe onogada ababili abaneminyaka engu-27 no-37 abasolakala ngokweba amakhebuli akwaTransnet angabiza uR180 000.
Okhulumela oKlebe KwaZuluNatal, uCaptain Simphiwe Mhlongo, uthe isehlakalo senzeke eHidcote, eMooi River.
Uthe oKlebe eMgungundlovu balunywe indlebe ukuthi kunonogada ababili abebenqamula amakhebuli endaweni yabo.
“Kusolakala ukuthi labo nogada balayishe lamakhebuli ezimotweni zabo base beyabaleka. Kuthintwe inkampani yonogada, kwabe sekuhlonywa ngemibuzo laba basebenzi,” kusho uMhlongo.
Uqhube wathi kube sekufika izikhulu zeTransnet eziqinisikisile ukuthi amakhebuli atholakele, ubude bawo obungu670m, awale nkampani.
Uthe abasolwa babekwe icala lokweba nelokucekela phansi ingqalasizinda.