UTHI akafisi nokumbona umfowabo obhokode indodana yakhe ngomkhonto, wayibulala kubangwa ukhiye wendlu owesifazane waKwaMakhutha.
UMnuz Siyabonga “Sya” Mkhize (39), ubhokodwe ngomkhonto ngeSonto ebusuku.
Ngokuthola kweSolezwe umufi nomsolwa (47) babezijabulela bephuza.
Umsolwa kuthiwa yisosha eselathatha umhlalaphansi.
Ngokuthola kweSolezwe okususe umsindo ukuthi umalume uncikisela abashana ngekubo, wayefuna nokhiye wendlu yakhe kumufi.
UNksz Balungile Grace Mkhize (54), utshele Isolezwe ukuthi akafisi nokumbona umfowabo ngenxa yesenzo sakhe.
“Umfowethu into ayenzile ibuhlungu kakhulu futhi angifisi nokumbona, ukuthi angabhokoda ingane yami ngomkhonto. Angifisi ukumbona ngamehlo ami,” kusho uNksz Mkhize.
Elandisa Isolezwe uthe indodana yakhe nomfowabo bebengamathe nolimi kodwa uma sebephuzile umfowabo ubejwayele ukuncikisela, ethi abaye emakubo.
“Yinto umfowethu abejwayele ukuyenza ukuthi axoshe izingane zami uma ephuzile, athi aziye emakubo. Nami impela ngaze ngathutha lapha ekhaya ngenxa yalokhu kukhuluma. Ngelanga lesigameko kuthiwa babange ukhiye wendlu, umfowethu wabe esemgwaza. Ukhiye siwuthole esidumbini sendodana yami,” kusho uNksz Mkhize.
Uthe indodana yakhe ibulawe engekho.
“Ngangisanda kuhamba ngoba ngiqashe eduze kwasekhaya. Ngibizwe esegwaziwe. Ngafika ngathatha ingane yami ngayiphuthumisa emtholampilo. Bafika bathi isishonile angibuyele nayo ekhaya. Ngabuyela nesidumbu ekhaya, kwafonelwa amaphoyisa. Umfowethu ufike ekhaya efuna ukukhuluma nami, ngabaleka ngoba angifuni nokumbona, akukho engizokukhuluma naye ingane yami isishonile,” kusho uNksz Mkhize ekhihla isililo.
Uthe umfowabo ufike wambula isidumbu, wabona ukuthi useshonile wabe esethwala izandla ekhanda. Uthe wabe eseya komunye umuzi kamfowabo wacela bemphelezele aye emaphoyiseni eyozinikela.
Umthombo weSolezwe osondelene nalolu daba uthe kulo muzi bekujwayelekile ukuthi kube nomsindo umsolwa ethi abashana abaye emakubo.
Umsolwa njengoba bese ethole imali yempesheni ubejwayele ukuthenga utshwala nenyama kosiwe.
UNksz Mkhize uthe umfowabo wayeka emasosheni cishe ngo-2017.
Uthe yize ebexosha izingane zakhe uma ephuzile kodwa bebezwana nomufi njengoba bebegqoka izimpahla ezifanayo futhi esanda kumenzela izincwadi zokushayela.
UNksz Mkhize wayenezingane eziyisithupha, ezintathu (okubalwa nomufi) bezihlala nomsolwa, eyodwa uthe yahamba yayoqasha ngoba ibalekela umsindo obususwa umsolwa. Ezimbili sezashona. Uthe izingane zakhe zidinwe kakhulu ngalesi sigameko.
“ Ngifisa umthetho usebenze kulolu daba, noma angabhadla ejele umfowethu.Okubuhlungu kodwa ukuthi ingane yami ngeke isavuka. Izingane zakwabo zidiniwe ngokwenzekile, kungakuhle nje umfowethu agcinwe ezitokisini,” kuphetha uNksz Mkhize.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aKwaMakhutha aphenya icala lokubulala.
“Icala lokubulala livulwe KwaMakhutha, ngo-23.30 ngeSonto, kuMusa Avenue, owesilisa oneminyaka engu-39 ubhokodwe ngomkhonto kade exabene nesihlobo sakhe. Uyiswe emtholampilo, wafike washonela khona. Kuboshwe umsolwa oneminyaka engu-47.. Uzovela enkantolo yaseMbumbulu maduze,” kusho uCapt Gwala.