UFUNA ubulungiswa uNkk Vinolia Mkhize (33) kulandela ukuhlaselwa amaphoyisa abebalelwa ku-11 amshaya, athatha imali nokhiye wemoto yakhe emuva kokungena kwakhe ngezicabha ezofuna isibhamu. Isithombe: Mcebo Mpungose
UKHALA ngesihluku samaphoyisa owesifazane waKwaMakhutha, othi ushaywe kanzima ngamaphoyisa ethi unezibhamu.
UNkk Vinolia Mkhize (33) ufuna ubulungiswa njengoba ethi amaphoyisa abebalelwa ku-11 aze athatha imali nokhiye wemoto yakhe emuva kokumhlukumeza ngeSonto elidlule ngoLwesithathu.
“Amaphoyisa angene esesikhomba ngesibhamu, ethi afuna isibhamu sami. Emva kwalokho athatha umfana wami ona-15 amguqisa phansi amshaya ngezimpama ethi wuyena ubaba womuzi,” kusho uNkk Mkhize.
Uthe uma ebuza ukuthi bayishayelani ingane yakhe, bathi isazokhuluma.
Uqhube wathi bathathe uplastiki omnyama bamvala ngawo ebusweni wangakwazi ukuphefumula, bamkhahlela bamshaya ebusweni, waze wazichamela, bethi akasho ukuthi siphi isibhamu.
“Konke lokhu kwenzeka nje kukhona ingane yami encane eneminyaka emine iyabuka, iyakhala. Kuthe kusuka lapho base bethatha imali ewuR3 700 yokukhokhela umntwana esikoleni. Bathatha izikhiye zemoto iHyundai i20 bahamba nazo, bathatha o-5kg bensipho yokuwasha abathathu, izipho zami zomshado notshwala obabusale ngomshado owawungo-Okthoba,” kusho uNkk Mkhize.
Uthe bathathe utshwala ngoba bethi uyabudayisa, bavula nogologo bawuphuzela endlini, obunye bahamba nabo.
“Amaphoyisa kawagcinanga ngokungihlukumeza nokungehlisa isithunzi phambi kwezingane zami kodwa aphinde abulala nempahla yami, okubalwa ama-wardrobe, umabonakude ne-decoder yeDSTV.”
Okumshaqise kakhulu uNkk Mkhize wukuthi kade kukhona namaphoyisa esifazane athi awatshengisanga zwelo noma esezikhalela ecela amanzi kuwona.
Uqhube wathi amaphoyisa athe ayambopha akaphathe uR500 webheyili aye esiteshini saseManzimtoti. Uthe uma efika esiteshini amaphoyisa akabange esaziveza izinto azithathile futhi akazange aboshwe kodwa unikwe iphepha kwathiwa akabuye ngakusasa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe icala lokushaya nokucekela phansi impahla livulelwe amaphoyisa esiteshini samaphoyisa Isiphingo. Uthe lizodluliselwa emaphoyiseni aseManzimtoti okuyiwo azonquma ukuthi liyadluliselwa yini ophikweni oluphenya amaphoyisa, i-Ipid.