UZOBUYELA enkantolo ngoSepthemba 25 owesifazane waseBothaville, eFree State, osolwa ngokugwaza nokubulala umyeni wakhe ngoMgqibelo.
Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe uCaptain Stephen Thakeng uthe lesi sigameko senzeke ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.
"Umsolwa wesifazane oneminyaka ewu-26, oyinkosikazi kamufi, uthi wayelele ngesikhathi umufi engena endlini. Ngesikhathi emuvusa kwasuka ingxabano phakathi kwabo. Akucaci ukuthi yini umsuka wengxabano. Umsolwa uDimakatso Maxhasa (26) wagwaza umyeni wakhe uMnuz Montoedi Nzuza (29) ngebhodlela emqaleni kanye. Abezimo eziphuthumayo bafica uNzuza eseshonile endaweni yesigameko," kusho uThakeng.
Uthe umsolwa waboshwa ngu-sergeant Moleme Phakoe ngoMgqibelo, wavulelwa icala lokubulala.
UMaxhasa uvele okokuqala enkantolo ngoMsombuluko kanti kulindeleke ukuthi aphinde avele ngoSepthemba 25 esezofaka isicelo sebheyili.
Umphathi siteshi wasesiteshini samaphoyisa eBothaville, uColonel Disebo Tshabalala uwushayele ihlombe umsebenzi owenziwe amaphoyisa.
- African News Agency (ANA)