USAGCWELE amathafa owesifazane osolwa ngokugwaza isoka lakhe lafa ehostela KwaMashu ngoMgqibelo.
Kuthiwa ubehlala nalo isoka asolwa ngokulibulala.
Kuthiwa isoka nentombi bahilene ngamazwi kwagcina ngokuthi owesifazane agcine esegwaze indoda.
Kuthiwa indoda isuke endlini yayo yayolanda intombi ejoyintini lapho ebiphuza khona okusolwa ukuthi ibisiqome owesilisa wakhona. Ithe uma ifika ejoyintini indoda yathatha intombi ngenkani baya nayo endlini lapho ifike yamgwazela khona.
Umufi kuthiwa ushonele emtholampilo ePoly, KwaMashu, ngemuva kokuthi eyiswe intombi yakhe ebicela usizo.
Kuthiwa umufi nentombi yakhe bebejwayele ukuthi bahilizisane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, ukuqinisekisile lokhu.
UCaptain Gwala uthe indoda iphuthunyiswe emtholampilo lapho ifike yashonela khona
Uthe amaphoyisa aKwaMashu aphenya icala lokubulala. Okwamanje bekungakaboshwa muntu.