AYAVEVA amadoda aseMalangeni, eMzinto, emuva kokuvela kwezindaba ezithi owesifazane wasendaweni uvulelwe icala lokudlwengula owesilisa okhubazekile ebe ekhona wona abezomsiza aze afune impinda.

Lo wesifazane onesikhundla esiqavile eqenjini i-EFF esifundeni Ugu, uvulelwe icala emuva kokuthi ebhobokile umgilwa ngalesi sehlo.

Kuthiwa umgilwa ubhoboke kwabanye abajwayele ukuchitha naye isizungu esitolo thizeni, base betshela umndeni wakhe.

Umthombo olwazi kahle lolu daba uthi lo wesifazane ucele umgilwa ukuba amphelezele ayolala, edle amponjwana wafika wamphushela embhedeni wamphoqa ukuba amanelise ocansini.

Enye indoda esikhulile eminyakeni elinganiselwa ku-50 kuthiwa ikhale kabi yathi kwayona ibingamenelisa nakuba isikhulile kodwa isakwazi ukutshakadula ekamelweni.

Kuthiwa enye ithe ukube wazidlisa satshanyana ngakuyo yayingeke ibuze lutho yayizomenelisa aze acele impinda ngelinye ilanga.

Kuthiwa lesi sigameko esishiye abaningi bethuthumela, senzeke ngoSuku lwabesiFazane ngenyanga edlule.

Umthombo osondelene nodaba uthe bese kukade lo wesifazane ayezitika ngomgilwa okhubazekile.

Lo mthombo uthi umgilwa usesusiwe endaweni wayobhaciswa ngenxa yokwesaba ukwenzakaliswa.

“Kwawona umndeni wakhe wethuka izanya ngoba uyesaba ukuthi ungase uhlaselwe wenziwe isilo sengubo.

Sebecabanga nokuthutha endaweni ngoba namaphoyisa awasho lutho ngalolu daba,’’ kusho umthombo.

Umthombo uqhube wathi owesifazane uzibambela kulo mfana nje isoka lakhe libhadle ejele.

Unina womgilwa uthe ngeke akwazi ukuphawula ngenxa yobuhlungu benhliziyo futhi akathandi ukona icala.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLiutenant Colonel Thulani Zwane ukuqinisekisile ukuthi udaba lubikiwe emaphoyiseni aseMzinto ayaluphenya.