UMLINGISI ozakhele udumo kuZalo nakwiDurban Gen, uNombulelo Mhlongo, udalule okwenza amanye amantombazane ajole namadoda alingana noyise. UNombulelo (33) wasoPhongolo, uthe ukungabikhona kobaba ezinganeni zamantombazane, kwenza zigcine sezihamba zithungathana namadoda azodlala leyo ndawo.
Ekhuluma kwiYouTube kazakwabo anaye kwiScandal!, uPasi Koetle, uNombulelo uthe noma ngabe wena muntu wesifazane unamandla angakanani okunikeza ingane yakho yonke into, ugcina sewuzibona sewungunina noyise wayo.kodwa awusoze wasivala isikhala sikayise womntwana.
"Akulula. Hhayi ukuthi sizimbokodo. Siyafuna nathi ukunakekelwa. Ngiyayifuna indoda ezothi 'hhawu mkami, mfazi wami. Hhawu sithandwa sami."
Uthe abantu besifazane kufanele bangavele bahlukane nezithandwa zabo ngoba bengogombela kwesabo kodwa bangahlala ngoba becabangela izingane zabo. Ugcine esekhihla isililo ekhuluma ngendlela indodakazi yakhe eke idinge uyise ngayo.
Uthe nakuba bekwenza konke benonina noyise kodwa indodakazi ibuye ifikelwe wumunyu. UNombulelo uthe kubamnandi enganeni uma abazali bayo bendawonye emhlanganweni esikoleni.
Eqhuba uthe nakuba abesifazane bebadinga abesilisa ekukhuliseni izingane zabo kodwa akufanele bahlale bathi dekle, babe ngokhamisangithele. Ubagqugquzele ukuba basebenze ngokuzikhandla ukuze bondle izingane zabo hhayi ukuthi bancike emadodeni.
UNombulelo usematheni kulezi zinsuku ngendawo kaMaDlomo ayilingisa kwiScandal!. Yile ndawo emenze waqokwa nakumaSimon Mabhunu Sabela Film and Television Awards, emunxeni weBest Actress TV. Kuleli qoqo, uqhathwe noNelisiwe Sibiya weThonga noNqobile Magwaza weSmoke & Mirrors. Uma ehlabana kuzobe kungekhona okokuqala njengoba esewole inqwaba yemiklomelo.
Omunye wawo oweBest Actress Southern and Eastern noweBest Actress Africa kwiZikomo Africa Awards eZambia ngo-2023. Abawine kumaSimon Mabhunu Sabela Film and Television Awards bazomenyezelwa eNkosi Albert Luthuli eThekwini ngoJulayi 19. UNombulelo ubenguNomcebo kuZalo, umhlengikazi uSne Mtshali kwiDurban Gen noCassandra Masemola kwiSkeem Saam.