USIHLALO wegatsha leSACP uboshelwe icala lokushaya abulale, kubangwa isikweletu sotshwala esiwuR100.
UMnuz Sipho Malope, ongusihlalo wegatsha leSACP eCopsville, eMgungundlovu, ngoLwesithathu uvele eNkantolo yeMantshi eMgungundlovu.
Ubhekene necala lokushaya abulale uMnuz Bernard Mpofu, oshonele esibhedlela ngeSonto, emva kokushaywa. Icala lihlehliselwe uLwesihlanu oluzayo, lapho ezofaka khona isicelo sebheyili. Uboshwe ngoMsombuluko, ngemva kokushona kukaMpofu ngeSonto ebusuku.
UMalope usolwa ngokushaya ephindelela uMpofu ngesimolontshisi, waze washona. Umthombo osondelene nodaba, uthi uMalope noMpofu bebebanga uR100 owatshelekwa nguMpofu, kuphuzwa.
UMpofu, okuthiwa ubeziphilisa ngokubamba amatoho njengoba kuthiwa ubekhanda amapayipi amanzi, kuthiwa ubehluleka ukukhokha isikweletu.
Umthombo uthe uMalope wabe esezingela uMpofu, nokuthiwa wamthola kwenye indawo yokuphuza utshwala eCopsville. Kuthiwa uMalope wathukuthela wagana unwabu, uma efica uMpofu ephuza, ekubeni isikweletu sakhe engasikhokhile.
“Wamphihliza ngesimolontshisi. Wamshiya elele phezu kwegazi. Kwazanywa ukuthi aphuthunyiswe esibhedlela kepha wafike waphelela khona ngenxa yokuthi wopha kakhulu,” kulandisa umthombo.
Lesi sigameko sishiye umama wezingane zikaMpofu, ebalisa ngoba engazi ukuthi uzothatha ini, ahlanganise nani. UNkk Busi Ndlovu, onezingane ezimbili noMpofu, uthe simphathe kabi lesigameko.
“Yize noma umsebenzi awuyeka ngo-2017 kodwa ubewathola amatoho. Uma ethole lawa matoho ubekwazi ukungithumela okuncane, nami ngibone ukuthi ngihlanganisa kanjani,” kuchaza uNksz Ndlovu.
UNksz Ndlovu ongowaseMnambithi, uthe ubengakezwa ukuthi yini eholele ekutheni uMpofu ashaywe, aze abulawe.
I-SACP kwisifunda iMgungundlovu, esaziwa ngokuthi yiHarry Gwala, isigxekile lesenzo. Unobhala weSACP esifundeni, uNkk Luhle Ndlovu-Mbanjwa, uthe balindele ukuthi umthetho udlale indima yawo.
“Asihambisani nodlame, asikhathali noma kungathiwa umsolwa uyilungu lethu. Sifisa ukukubeka kube sobala ukuthi udlame akusiyo into esiyesekayo. Yingakho sithi umthetho kuzofanele udlale indima yawo”
Abahlali baseCopsville bazwakalise ukushaqeka ngalesi sigameko. Bathe uMpofu ongowokudabuka eZimbabwe, ubeziphilela nawo wonke umuntu.
“Yebo ubenayo inkinga yezikweletu njengoba amatoho ubengasawatholi kahle ngenxa yeCorona. Baningi abantu abebakweleta izimali ezincane. Okumangazayo yikho ukuthi usengaze abulawelwe imali abayiphuza bebonke nomnikazi wayo,” kusho omunye umhlali wakule ndawo, ocele ukuthi igama lakhe lingadalulwa.