Senzo Shwala Senzo Shwala
INHLANGANO iNFP ilimele kakhulu ngokudlula emhlabeni komunye wabasunguli bayo, uMnuz Senzo Shwala, emuva kwengozi yemoto eyenzeke kwaDenge, KwaNongoma, ngempelasonto.
UShwala (45), obenguNobhala wesiyingi senhlangano oLundi, ushonele endaweni yesehlakalo kwathi abanye abafowabo abehamba nabo bona baphuthunyiswa esibhedlela.
Ababili babo kuthiwa sebephumile esibhedlela kusele ababili.
Kuthiwa imoto abebehamba ngayo, ebishayelwa wuShwala, izame ukudlula enye imoto kanti kuqhamuka iloli base beshayisana mahlanze nalo.
Umholi weNFP eZululand, uMnuz Siphamandla Ntombela, uthe iqembu lilimele kakhulu ngokudlula emhlabeni kukaShwala.
Umufi ungomunye wabantu abasungula inhlangano. Kamuva ubesebenza ngokukhulu ukuzikhandla emkhankasweni wokuvuselela kabusha inhlangano ngemuva kokukhungathwa kwayo yizinxushunxushu.
“UShwala ushone ngesikhathi sibudinga kakhulu ubuholi bakhe ikakhulukazi njengoba sibheke okhethweni lukazwelonke oluzoba ngonyaka ozayo,” kusho uNtombela.
Uthe umufi uwusebenzele kakhulu umphakathi ngesikhathi eyikhansela leqembu.
“Abantu bangakubo kaShwala manje banezindlu zangasese, izinkulisa namahholo ngenxa yakhe,” kusho uNtombela.
Uthe kumanje benza konke okusemandleni abo ukuhlanganisa amaqembu angavumelani enhlanganweni ukuze kube nobumbano njengoba kubhekwe okhethweni.
“Kubalulekile ukuthi iqembu libumbane kuthi labo abangaboni ngaso linye bakhumelane umlotha ukuze sisebenze siye phambili,” kusho uNtombela.
Indodana kaShwala, uMnuz Sinenhlanhla Shwala, ichaze uyise njengomuntu obeneqiniso futhi ekhonze ukwakha abanye abantu.“Silahlekelwe kakhulu ngokushona kukababa hhayi futhi thina sodwa njengomndeni kodwa nomphakathi.”
Amaphoyisa aphenya icala lokubulala ngokungenhloso.
UShwala uzofihlwa ngoMgqibelo, eDulini, eziMfabeni, oLundi.