UMINNIE Ntuli ucacisa ngobudlelwano bakhe nomculi uLondie London
Image: SIGCINIWE
UMSAKAZI wohlelo lwasekuseni kwiGagasi FM, uMinnie Ntuli, ugonyuluka ngembangela yokungahoshelani kwakhe nomculi we-Afro house, uLondie London kwiSeason 5 yeThe Real Housewives of Durban. Kulolu hlelo bekuhlale kongaphansi nongaphezulu phakathi kwalabo saziwayo baseKZN. Ebuzwa ukuthi ingxabano yabo isukaphi, uMinnie uthe akukho okwake kwabaqhatha ngaphambilini kodwa ukungaboni ngasolinye phakathi kwabo bekwenzeka ohlelweni kuphela.
"Bekuphakama umoya, kuhluthuka izinhliziyo futhi kuphele nokuxhumana. Ngibuye ngabuyela kulokho ngabe sengixolisa kuye ngasese. Obekubonwa ngababukeli akusona isithombe esiphelele sobekwenzeka." UMinnie (30), osakaza noFelix Hlophe i-The Uprising, uthe bakhona ababambe iqhaza kwiReal Housewives of Durban, abezwana nabo ngenxa yokuzwana kwemimoya.
"Yebo, beyikhona imiphefumulo enenhliziyo enhle ebengizwana nayo ohlelweni nangaphandle engingeke ngiyidalule kodwa bakhona abesifazane engibahlonipha ngempela futhi ubudlelwano bami nabo ngobeqiniso."
Uthe kumsize kakhulu ukuhlaba ikhefu nokuthandaza kakhulu ukuze abhekane nengcindezi abeyifakelwa ukuba kulolu hlelo. "Futhi ngifunde ukuzikhumbuza ukuthi umbono wabantu awunamthelela kimi. Abantu abazi inhliziyo yami enginendaba nabo. Namanje kunzima. Ezinye izinsuku zinzima kunezinye kodwa ngisafunda ukungafaki izinto enhliziyweni."
UMinnie uthe wayengakaze wahlela ukuba kulolu hlelo kodwa kwathuka ucilo ezishaya endukwini. "Lathi uma ithuba livela, ngabona kuyithuba lokuthi ngibambe iqhaza entweni ezongikhipha ekunethezekeni nemayelana neTheku. Ngangifuna ukumela olunye uhlobo lomuntu wesifazane osazithola kodwa ongahloninizi nongazenyezi ngobuyena."
Uthe nakuba abangani nezihlobo bashaqeka ngesikhathi bethola ukuthi uzoba yingxenye yalolu hlelo kodwa bamsekile. "Umama wathi 'ungakhohlwa ukuthi ungubani'. Engizwana nabo bajabula kakhulu futhi bangivikela. Bayazi ukuthi ngiwumuntu ozwelayo futhi ohlelweni lwethelevishini olungempilo yangempela, akusiniswa amahleza." Ukuvezile ukuthi wayethukile ngokuthi abantu bazombuka kanjani.
"Ngichaza ukuthi abantu bazokwahlulela ngokuphefumula kabi kwikhamera. Kodwa ngangazi ukuthi ngingena nenhliziyo evulelekile nokuthi ngizohlala ngiyimina. Bengingalindele ukuthi kuhambe kahle emoyeni."
Uthe umehluko phakathi kokubuka lolu hlelo nokuba kulo mkhulu. "Kumnandi ukulubuka kodwa ukuba kulo kwenzeka nanoma yini, kuhlukumeze umoya. Amakhamera akayeki ukushutha ngisho ukhathele noma uphatheke kabi. Awukwazi ukuhlela kahle izimpendulo zakho, yilapho ukhula khona."
Ucacisele abantu ngempilo yakhe. "Abantu bacabanga ukuthi ngiluhlaza futhi ngiyazitshela kanti akunjalo. Ngilungile, ngithembekile futhi nginozwelo. Kuyenzeka ngibe nonya uma ngichukuluzwa. Angizenzi umuntu engingasiye. Ngiyibhasi ebhaliwe."
UMINNIE Ntuli ugonyuluka ngengxabano yakhe noLondie London
Image: SIGCINIWE
Related Topics: