Izindaba

OweDA ujabulela ukuthi iMK ayinqobanga ngamalengiso eKZN

Sabelo Nsele|Published

Dean Macpherson

USIHLALO weDA KwaZulu-Natal, uMnuz Dean Macpherson, ujabulela ukuthi iMK ayizange ithole izihlalo ezanele ukuthi ibuse ngokuzimela KwaZulu-Natal.

UMacpherson uthe bazokwenza ngakho konke okusemandleni abo ukuthi iMK ayisiphathi isifundazwe.

Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba esikhungweni sokubala amavoti esiseThekwini.

IMK iyona ezihola phambili KwaZulu-Natal ngamavoti angaphezu kuka-44%, iDA yona ilele isine.

UMacpherson uthe bamelene nokuthi kuphathe iMK KwaZulu-Natal.

"Emkhankasweni wethu besithi 'takula iKZN'. Besisuke sisho ukuthi iKZN ayitakulwe ezintweni ezifana neMK. Sijabule ukuthi abakwazanga ukuthola isibalo esingaphezu kuka-50%."

UMacpherson uthe amaqembu aphikisayo kufanele abambisane ukuze iMK ingezukuphatha.

UMacpherson uthe angeke bayemukele imiphumela yokhetho uma izikhalazo zayo zingaxazululwa ngokushesha.

UMacpherson, uthe kunezikhalazo ezingu-34 abazifakile ezingakaxazululwa.

Imiphumela yokhetho izomenyezelwa kusasa, ntambama.

Izolo, iDA ibhalele inhlangano eyengamele, i-Independent Electoral Commission (IEC), beyitshela ukuthi bafuna izikhalazo zabo zixazululwe ngaphambi kokuthi kumenyezelwe imiphumela.

I-DA iphinde yafaka isikhalazo ngokwesigaba somthetho u-55, esiphoqa ukuthi kuqokwe ukhomishana ozophenya izikhalazo zabo.

UMacpherson uthe izikhalazo zabo zingenza umehluko omkhulu uma zingaxazululwa.

"Kunezindawo lapho othola khona ukuthi kunaphepha okuvota esifundazweni angu-2 000, bese kuthi akazwelonke abe u-4 000. Kunzima ukukholwa ukuthi into enje yenzeke kanjani.

"Okubi ukuthi asizitholi izimpendulo eziqondile uma sibuza imibuzo. Uma uhlanganisa lezibalo uyabona ukuthi kungashintsha izinto eziningi. Kungashintsha ukwabiwa kwezihlalo esiShayamthetho saKwaZulu-Natal."