Izindaba

OweCebolethu uhlomisa abesifazane abanentshisekelo yokusebenza emabhange

Nkosikhona Cele|Published

UNKSZ Xolile Khakhuse okhuthaza abesifazane ukuzihlomisa ngesitifiketi esingabalekelela ukusebenza emabhange

Image: SITHUNYELWE

UKHUTHAZA abesifazane ukuba bangazitheli ngabandayo kodwa babhukule balwele ukuzuza isitifiketi esibagunyaza ukusebenza emabhange oweCebolethu.

UNksz Xolile Khakhuse (40), oqeqesha abesifazane ukuze bazuze isitifiketi iRegulatory Examination Five (FEF), uthe sesifikile isikhathi sokuba balwele ukuzithuthukisa ngalolu hlobo lwesitifiketi.

Ubaqeqeshela esikhungweni sakhe esiseBridge City, KwaMashu, aphinde kube khona abafundisa online. Lesi sitifiketi uthe sijwayelwe ukudingeka emabhange nakwezinye izikhungo ezisebenza ngemali.

UNksz Khakhuse odabuka KwaMachi, eHarding, ukholwa wukuthi abantu abanalolu hlobo lwesitifiketi bayakwazi ukuthi basebenze nasemabhange ahamba phambili kuleli.

Yena usebenza egatsheni lenkampani yabangcwabi Icebolethu eliseMpangeni. ''Lolu uhlobo lwesitifiketi engikholwa ukuthi luyakwazi ukwenza umehluko empilweni yomuntu wesifazane. Yingakho nje ngibakhuthaza kakhulu ukuthi bangazitheli ngabandayo kodwa bakukhuthalele ukusenza,'' usho kanjena.

Njengoba esebenza eCebolethu uthe kuningi akufundile ngokubaluleka kokuba abesifazane bahlome ngezitifiketi ezahlukene. Uveze ukuthi uneziqu zeNational Diploma in Accounting azithola ngo-2010.

Nakuba ekhuthaza kakhulu abantu besifazane ukuba balwele ukuzuza lezi ziqu kodwa akakhethi iphela emasini, nabantu besilisa ukholwa ukuthi ingaguquka impilo yabo uma bengathola lolu hlobo lwesitifiketi.Uthe uma esebaqeqeshile ubadlulisela kwabakwaMoonstone ukuyobhala uma bephasa okuyilapho-ke abathola khona izitifiketi.

Uthe okumkhathazayo ukuthi ababaningi abanolwazi mayelana nalolu hlobo lwesitifiketi. ''Ngiyafisa ukuthi bande abesifazane abathola lolu lwazi ngoba lungabalekelela kakhulu,''usho kanjena.

''Eqinisweni nje nabo abantu besilisa impilo yabo ingaba ngcono kabi uma bengase bathole lolu hlobo lwesitifiketi,''usho kanjena.