AKENEME ngendawo abahleli kuyona kwi-log ye-Absa Premiership ompetha beTelkom Knockout ka-2018 uWedson Nyirenda oshayela umkhumbi weBaroka FC.
Leli qembu lihlele ukuqala ngeMamelodi Sundowns ukunombela njengoba bedlala namuhla koweligi ngo-7.30 ebusuku eLucas Moripe Stadium.
Ngokusho kukaNyirenda okunguyena futhi okhiphe iSundowns endleleni yakhe ebheke ekubeni ompetha beTKO, iSundowns izoba nzima kwazise iza negqubu kodwa lokho yikhona okungaba wukhiye wokuthi baqale baqoqe amaphuzu.
UNyirenda okhuluma angesabi, uthe ngeke avume ukuthi bangabuyi nalutho ePitoli yize azi kahle kamhlophe ukuthi uPitso “Jingles” Mosimane ngeke avume ukuthi babaphinde eduze.
“Okusemqoka kakhulu kunakho konke ukuthi siqinisekise ukuthi kusukela namuhla abadlali bayakhohlwa yindaba yeTelkom ngoba isiwumlando manje. Indawo esihleli kuyona kwi-log ayichazi thina nendlela esidlala ngayo. Sikuphi isidingo sokuba ompetha beTelkom kodwa ekupheleni kwesizini sibalwe namaqembu abalekela ukugencwa yizembe?
“Kumele sikhohlwe yiTelkom. Kungumsebenzi wami kodwa konke lokho.
"Uma siqeda ukujabula namuhla (esho ngoMgqibelo ebusuku) sicabanga ngeSundowns namaphuzu amathathu okumele siwaqoqe kuyona ukuze sizosuka kule ndawo engasifanele, esihleli kuyona,” usho kanje lo mqeqeshi.
NgokukaNyirenda, umdlalo weSundowns uzobe umqoka ngendlela engachazeki ngoba kuwona yilapho ezobona khona ukuthi abadlali bakhe bayakuqonda yini ukuthi kumqoka kangakanani ukuqala manje babalekele izembe.
“Lo mdlalo weSundowns uzobe umkhulu ngaphezulu kwalo esiwunqobe namuhla. Sidinga amaphuzu amathathu kodwa uma kungenzeki lokho sesingakhalela kwelilodwa. Esingeke sikuvume ukubuya ePitoli sishwiba izandla. Sibhekene neqembu eliseqophelweni eliphezulu futhi sidlalela nalo esibayeni salo.
“Ngeke kube lula kodwa yonke imidlalo kule ligi yethu isinda ngendlela efanayo. Ngazi kahle ukuthi uPitso ubehlaziya yonke into ebesiyenza kwiTelkom, ngakho-ke uzozijikijela zonke izimbokodo anazo kulo mdlalo okutshela thina ukuthi kufanele sizibambe ziqine. Ngiyamazi uPitso uyahlela kodwa okumnandi ukuthi uyazi futhi ukuthi akufanele asithathe kancane ngoba uzozwa ngento,” usonge kanje uNyirenda sakukloloda.
IBaroka ingcono ngephuzu elilodwa kuBlack Leopards okuyiyona esemsileni. Emidlalweni yeligi ewu-12 ezikaNyirenda zisaphumelele emibili zashaywa eyisithupha zase zidlala ngokulingana kwemine.