USOLA abazama ukulwa naye uSotswebhu we-ANC kuMasipala waseNquthu, okushaqwe imoto yakhe ngamaphoyisa ngoba kusolwa ukuthi ngeyokwebiwa.
UMnuz Joe Motloung kusabalale amahlebezi okuthi uphucwe imoto iPajero ka-2010 ngempelasonto, waboshwa.
Le moto kuthiwa kuvele ukuthi yebiwe eGoli.
Izolo, uMotloung ubeyingxenye yamakhansela abethamele umhlangano woMkhandlu waseNquthu.
Ebuzwa, uthe uzwile ngalolu daba kodwa kungamanga ukuthi uboshiwe.
“Yebo amaphoyisa ayithathile imoto ayoyigcina esiteshini sawo esiseNquthu. Nangesikhathi eyithatha, awangificanga kuyo kodwa ibihamba abafana bami. Mina bengingazi nokuthi le moto eyokwebiwa ngoba ngayithatha komunye umngani wami waseGoli ukuze abambise ngayo kwenye into angikweleta yona. Amaphoyisa ayithathe ngelokuthi asazophenya kodwa angikaze ngithunyelelwe ngisho inombolo yecala noma yomphenyi. Ngisola ukuthi yonke le nto idalwe amanye amaqabane athumele amaphoyisa ngoba ezama ukulwa nami njengoba besilungiselela ingqungquthela yesifundazwe ebisoNgoye,” kusho uMotloung.
Uthe okunye ubona ukuthi nabe-IFP sebezama ukusebenzisa lolu daba ukuze balwe naye.
Uqhube wathi indaba yokuthi uboshiwe isatshalaliswe ngempelasonto yengqungquthela.
Uthe uvele waxakeka ngoba ngosuku okuthiwe ugqunywe ngalo ejele, ubesoNgoye engqungqutheleni.
Uveze ukuthi inkinga yokungezwani kwabo esiFundeni iNkosi Bhambatha, idalwe ukuqala kohlelo lokukhetha labo abebezobamela kule ngqungquthela.
Isifunda iNkosi Bhambatha singezinye eziba nezigameko ezishaqisayo kuKhongolose njengoba ngo-2015 ngesikhathi kwakulungiselelwa ingqungquthela yokukhetha ubuholi, kwabulawa owayenguSomlomo, uMnuz Vusi Ntombela.
UNtombela wabulawa esesikoleni ayefundisa kuso eLuvisi Primary.
Kulesi sigameko kwanukwa ukungezwani kwangaphakathi.
Amaphoyisa athunyelelwe imibuzo kodwa kushaye isikhathi sokushicilela engakaphenduli.