LIMLAHLILE icala lokushaya nelokucekela phansi impahla obeyimeya yaseNewcastle, nongusihlalo we-ANC kwisifunda eMalahleni, uDkt Ntuthuko Mahlaba.
UMahlaba ugwetshwe inkantolo yesifunda eNewcastle, ngoMsombuluko.
Inkantolo igwebe uMahlaba iminyaka emibili ebhadla ejele noma akhokhe inhlawulo kaR20 000.
Lokhu kuqinisekiswe okhulumela inhlangano yezokushushisa KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Kara.
UMahlaba ubebhekene necala lokushaya, ukweba nelokucekela phansi impahla.
Ubeboshwe noMnuz Sgananda Shezi, kanti bebesolwa ngokuhlasela usomabhizinisi owayeqashwe umasipala ukuba afake amakhebuli, uMnuz Njabulo Mabaso.
UMabaso washaywa, kwaphinde kwacekelwa phansi impahla yakhe, enye yebiwa.
Inkantolo imthole engenacala uShezi, owayengumqaphi kaMahlaba.
UNkk Kara uthe ofakazi abayisithupha bakuqinisekisile ukuthi uMahlaba wayekhona endaweni yesigameko ngesikhathi kuhlaselwa kuphinde kucekelwa phansi impahla kaMabaso.
Uthe bayasamukela isigwebo.
UMahlaba usanda kukhethwa ukuba ahole i-ANC ihlanda lesibili kwisifunda eMalahleni.
Ngesikhathi ekhethwa engqungqutheleni yokukhetha ubuholi besifunda ebingoSepthemba, uMahlaba wabe eseshenxa esikhundleni njengoba i-ANC inomthetho othi bonke abaholi ababhekene namacala kufanele bashenxe ezikhundleni.
I-ANC ayizange imfake ohlwini lwabazoyimela okhethweni lohulumeni basekhaya.
Kepha izolo i-ANC ithe uMahlaba angase abuyele maduze esikhundleni sokuhola i-ANC kwisifunda eMalahleni.
Okhulumela le nhlangano kulesi sifundazwe, uMnuz Nhlakanipho Ntombela, uthe uMahlaba angabuyela esikhundleni sakhe uma engakhokha inhlawulo kaR20 000 njengokomyalelo wenkantolo.
“Into ebikade yenza ukuthi angakwazi ukwenza umsebenzi ingoba ubenecala. Uma engakhokha le nhlawulo, akukho okuzomvimba ukuthi abuyele emsebenzini.”
Ummeli kaMahlaba, uMnuz Ravindra Manikall, kushaye isikhathi sokushicilela engakaphawuli.
Ulahlwa ileli cala nje uMahlaba ubeseke waphunyuka emlonyeni wengwenya kwaze kwaba kabili.
Ngo-2019 uke waboshelwa icala lokwakha itulo lokusoconga umholi we-ANC Youth League esifundeni, uMnuz Wandile Ngubeni.
Kepha icala labuye lahoxiswa ngenxa yokungabibikho kobufakazi.
Ngaphambi kwalelo cala uMahlaba wayeboshelwe icala lokuthuka umnikazi wemoto waseVryheid owanqaba ukuchezukela izimoto zakhe emgwaqweni.
Nalo leli cala labuye lahoxiswa.