UMHOLI oqavile we-ANC, owayengundunankulu waseNorth West, uMnuz Supra Mahumapelo noMnuz Carl Niehaus, okhulumela uMkhonto weSizwe Military Veterans Association (MKMVA), bakhishiswe okwezinja eNkantolo yeMantshi eBloemfontein ngoLwesihlanu ekuseni beyoseka uNobhala jikelele we-ANC uMnuz Ace Magashule.
UMagashule uvela enkantolo kulandela ukuzinikela koKlebe, abathole incwadi egunyaza ukumbopha ngasekuqaleni kwaleli sonto.
Baphume ngobuningi babo abalandeli bakaMagashule, iningi labo eliveze ukuthi lijutshwe amagatsha e-ANC kanti abanye babo bebevela kwezinye izifundazwe okubalwa kuzo iNorth West neKwaZulu-Natal.
UMahumapelo noNeihaus bavele bekhishwa ngendluzula enkantolo bebanjwe ngamawashingi. Ekhuluma nezintatheli ngemuva kokukhishwa enkantolo uMahumapelo uthe kube khona ukungezwani phakathi kwabo namaphoyisa eSAPS agade enkantolo.
“Inkinga lapha ukuthi amaphoyisa awafuni ukulalela. Ayikho inkinga isizoyidala thina ngoba singabaholi. Sizame ukubachazela ukuthi abakhulume kahle nabantu bayeke ukulwa nabo. Ngicabanga ukuthi bazama ukususa uchuku ukuze kusasa kuzothiwa besingaziphethe kahle,” kuchaza uMahumapelo ngaphandle kwenkantolo.
UNeihaus uthe bakhishwe enkantolo besazama ukukhuluma nabaphethe ngaphakathi ngokuvumela abanye abaseka uMagashule ukuthi bangene ngaphakathi. Uthe bebevumelekile njengabaholi ukungena ngaphankathi.
UMagashule kulindeleke ukuthi abekwe amacala enkohlakalo athinta ukukhwatshaniswa kwezigidi zamaRandi zemali yokulungisa uphahla ezindlini zemixhaso ezifulelwe ngetsheboya, eFree State.