OWAYENGUMSAKAZI weGagasi FM uNkk Nothando “Mamgo” Zungu odedelwe ngebheyili. Isithombe: NQOBILE MBONAMBI
SEKUBOSHWE abanye ababili ecaleni le-North Sea Jazz Festival, njengoba kuvele owayengumsakazi weGagasi FM, uNothando "Mamgo" Zungu nomunye umsolwa.

Namhlanje uMamgo obhekene necala lenkohlakalo, ukukhwabanisa nokushushumbisa imali udedelwe ngebheyili ka-R30 000.

UMamgo ukuleli cala noMnuz Mike Mabuyakhulu onguMgqugquzeli we-ANC ohlakeni lwesikhashana lwe-ANC KwaZulu-Natal. 

Amacala enkohlakalo, awokukhwabanisa nawokushushumbisa imali alandela ukuvela kokuthi uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo KwaZulu-Natal owawuphethwe wuMabuyakhulu wakhipha u-R28 million wokwenza umcimbi iNorth Sea Jazz Festival ngo-2012.

Lo mcimbi awuzange ube khona kodwa imali yafakwa kuma-akhawunti osomabhizinisi nosopolitiki. 
Ibheyili yabasolwa abayisithupha akade bevele ngesonto eledlule ibiphakathi kuka-R30 000 noR50 000.  

Bangu-16 abasavela emaphepheni asenkantolo. Umbuzo osalayo uthi bangobani laba banye abasolwa njengoba uMabuyakhulu engummangalelwa weshumi nesithupha ngokwamaphepha asenkantolo.

Ummangalelwa wokuqala uMnuz Desmond Golding owayeyiNhloko yoMnyango owawuphethwe uMabuyakhulu ngesikhathi somkhonyovu. UGolding isikhundla sakhe sasimnika amandla okukhipha izizumbulu zemali njengoba wayeyinhloko yomnyango.

UGolding uke waba yisikhulu esiphezulu seRegional Tourism Organisation of Southern Africa (RETOSA). Ezinye izikhundla aziphathile ngesokuba nguMqondisi weCredit Policy and Risk Governance eStandard Bank nomeluleki kaNgqongqoshe wezeMidlalo kuzwelonke. Ubephinde ahlale kwibhodi yaseSABC. UGolding useqhulwini kwabathweswe amacala.

Ummangalelwa wesibili uMnuz Ceaser Walter ‘Maqhoboza’ Mkhize (39) oyisikhulu sezinkampani iSoft Skills Communication 100CC, Shaka Holdings neMaqhoboza Traders CC. UMkhize ubuye avele njengommangalelwa wesithathu, owesine nowesihlanu ngenxa yezinkampani eziningi. Ungumuntu owaziwayo ngomswenko izimoto eziphambili nemicimbi eThekwini. 

UZandile Nonjabulo Mbongwe uvela njengommangalelwa wesihlanu obesebenzisana noMkhize emabhizinisini akhe, bashadile.

UMamgo Zungu uvele njengommangelelwa wesikhombisa. 

Icala lizobuyela enkantolo ngo-Ephreli.