SEKUBOSHWE abanye ababili ecaleni le-North Sea Jazz Festival, njengoba kuvele owayengumsakazi weGagasi FM, uNothando "Mamgo" Zungu nomunye umsolwa.
Namhlanje uMamgo obhekene necala lenkohlakalo, ukukhwabanisa nokushushumbisa imali udedelwe ngebheyili ka-R30 000.
UMamgo ukuleli cala noMnuz Mike Mabuyakhulu onguMgqugquzeli we-ANC ohlakeni lwesikhashana lwe-ANC KwaZulu-Natal. 
Amacala enkohlakalo, awokukhwabanisa nawokushushumbisa imali alandela ukuvela kokuthi uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo KwaZulu-Natal owawuphethwe wuMabuyakhulu wakhipha u-R28 million wokwenza umcimbi iNorth Sea Jazz Festival ngo-2012.
Lo mcimbi awuzange ube khona kodwa imali yafakwa kuma-akhawunti osomabhizinisi nosopolitiki.
Ibheyili yabasolwa abayisithupha akade bevele ngesonto eledlule ibiphakathi kuka-R30 000 noR50 000. 
Icala lizobuyela enkantolo ngo-Ephreli.