Izindaba

OwaseNkandla neqoqo lezindaba eziqinisa abaphikwa yimpilo

Simangaliso Ntshangase|Published

UMNUZ Ndumiso Khathi, ubhale incwadi esihloko sithi Imivimbi Yezihlambi

Image: SITHUNYELWE

UKUQAPHELA izimo ezahlukene zempilo, ezinye zazo ezenza ukuthi abantu badikibale futhi baphelelwe yithemba kwabasuke bezama ukukwenza, ngenye yezinto ezikhuthaze iciko laseNqundu, eNkandla, enyakatho yaKwaZulu-Natal, ukushicilela incwadi egxile kulokho.

Lowo wuMnuz Ndumiso Khathi, obhale futhi wakhipha incwadi yeqoqo lezindaba ezimfishane eziwu-20 esihloko sithi Imivimbo Yezihlambi, athi iyindlela asebenzisa ubuciko bakhe ngayo ukubuyisa ithemba lempilo engcono nokulunga kwezinto kubantu okubabhedelayo.

UKhathi, okhule evele ekhonze ukufunda izincwadi, ukhiphe le ncwadi eshicilelwe Inhlamva Press kaMnuz Thokozani Gumede, ekuqaleni kwenyanga edlule, kanti isiqalile iyatholakala kuyena ngoR170 kubantu abayidingayo, nabakhonze ukufunda imibhalo eyahlukene yesiZulu.

IKHAVA yencwadi kaNdumiso Khathi

Image: SITHUNYELWE

"Kusukela esihlokweni sencwadi, nje ngiveza umcabango ebenginawo ngenkathi ngiyibhala wokuthi ngifisa ukuthi kunoma wubani ozoyifunda, ifane nemvula eza ngamandla, ezodala ukuthi aphaphame futhi abuyelwe ngamandla okuqhubeka nanoma yini ebimehlula.

"YIncwadi edidiyele izindaba ezinemiyalezo eyahlukene yempilo, okukhona kuyona egxile kakhulu ekuqwashiseni abantu ngezinto nezimo ezahlukene zempilo, bese futhi kuba khona nezinye ezikhuthaza abantu ukungaphosi ithawula kokuhle abakwenzayo," kusho uKhathi.

Leli ciko, elizinze eMgungundlovu manje ngokusebenza, lithe kulithathe izinyanga ezimbili ukubhala le ncwadi liyiqede, laveza nokuthi kuyona libheke kakhulu izindaba ezithi Umunwe Wengcebo, Amabheka nethi Umuthi Wamanxiwa.

Ngaphandle kwemiVimbo yeziHlambi, uKhathi useke wavela kwezokushicilela izincwadi phambili njengoba eminye yemisebezi yakhe yobuciko itholakala eqoqweni lezindaba ezimfishane elihlelwe wuDKt Nakanjani Sibiya noNksz Nelly Shozana elisihloko sithi Ezosiba nelithi Umjikelo likaMnuz Muntomuhle Mcambi noMnuz Siyabonga Nxumalo.